Usolwa ngokusiza abafundi kubhalwa eleGeography
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo uphenya uthishanhloko wesikole saseGoli osolwa ngokusiza abafundi bakwa-matric ngezimpendulo ngesikhathi bebhala iphepha lokuqala leGeography.
Lesi sehlakalo senzeke ngo-Okthoba 30 ngesikhathi kubhalwa leli phepha ekuseni eMpontsheng Secondary eKatlehong.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bayasiphenya lesi sehlakalo wathi kuzocaca uma sekumakwa.
Uthe uma sekumakwa bazowabheka amaphepha babone ukuthi ngabe wabasiza yini abafundi.
“Uphenyo lwethu luthinta uthishanhloko onguthisha walesi sifundo owangena ngesikhathi kubhalwa kulesi sikole. Ngokwemigomo yokubhalwa kwezivivinyo zika-matric uthisha wesifundo esisuke sibhalwa akavunyelwe ukusondela lapho kubhalelwa khona noma angene ekilasini ezosiza abafundi noma kungathiwa kukhona abasuke bengakuqondi ephepheni,” kusho uMhlanga.
Uthe bamsusile uthishanhloko ngoba usolwa ngokuthi wasiza abafundi ngezimpendulo.
“Simsusile njengomuntu owengamele izivivinyo kulesi sikole, ihhovisi lesifunda yilona elengamele izivivinyo. Nakuba kwakubhalwa emakilasini amabili kodwa yena wangena ekilasini elilodwa,” kusho uMhlanga.
Uthe abamakayo bazowabhekisisa amaphepha abafundi uma kukhona okushaya amanzi bazokhipha umbiko.
“Sizobhekana naye uma kutholakala ukuthi wabasiza abafundi. Uma kwenzeka kudingeke baqale phansi, yileyo ngcosana ethintekayo eyoqala phansi hhayi bonke abafundi ababebhala,” kuqhuba uMhlanga.
Uthe ephepheni lesibili elabhalwa ngosuku olulodwa ntambama akukho mibiko abayitholile yokuthi abafundi basizwa.
UMhlanga uthe balunywe indlebe ngumzali obikele umkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lemiphumela Umalusi ngalolu daba.
“Sizolinda umbiko ogcwele ozolethwa ngumnyango wesifundazwe eGauteng ngalolu daba. Nabathintekayo bazofakwa imibuzo ngalolu daba.”