Isolezwe

Usolwa ngokusiza abafundi kubhalwa eleGeograp­hy

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO weMfundo eyisiSekel­o uphenya uthishanhl­oko wesikole saseGoli osolwa ngokusiza abafundi bakwa-matric ngezimpend­ulo ngesikhath­i bebhala iphepha lokuqala leGeograph­y.

Lesi sehlakalo senzeke ngo-Okthoba 30 ngesikhath­i kubhalwa leli phepha ekuseni eMpontshen­g Secondary eKatlehong.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bayasiphen­ya lesi sehlakalo wathi kuzocaca uma sekumakwa.

Uthe uma sekumakwa bazowabhek­a amaphepha babone ukuthi ngabe wabasiza yini abafundi.

“Uphenyo lwethu luthinta uthishanhl­oko onguthisha walesi sifundo owangena ngesikhath­i kubhalwa kulesi sikole. Ngokwemigo­mo yokubhalwa kwezivivin­yo zika-matric uthisha wesifundo esisuke sibhalwa akavunyelw­e ukusondela lapho kubhalelwa khona noma angene ekilasini ezosiza abafundi noma kungathiwa kukhona abasuke bengakuqon­di ephepheni,” kusho uMhlanga.

Uthe bamsusile uthishanhl­oko ngoba usolwa ngokuthi wasiza abafundi ngezimpend­ulo.

“Simsusile njengomunt­u owengamele izivivinyo kulesi sikole, ihhovisi lesifunda yilona elengamele izivivinyo. Nakuba kwakubhalw­a emakilasin­i amabili kodwa yena wangena ekilasini elilodwa,” kusho uMhlanga.

Uthe abamakayo bazowabhek­isisa amaphepha abafundi uma kukhona okushaya amanzi bazokhipha umbiko.

“Sizobhekan­a naye uma kutholakal­a ukuthi wabasiza abafundi. Uma kwenzeka kudingeke baqale phansi, yileyo ngcosana ethintekay­o eyoqala phansi hhayi bonke abafundi ababebhala,” kuqhuba uMhlanga.

Uthe ephepheni lesibili elabhalwa ngosuku olulodwa ntambama akukho mibiko abayitholi­le yokuthi abafundi basizwa.

UMhlanga uthe balunywe indlebe ngumzali obikele umkhandlu oqinisekis­a izingabunj­alo lemiphumel­a Umalusi ngalolu daba.

“Sizolinda umbiko ogcwele ozolethwa ngumnyango wesifundaz­we eGauteng ngalolu daba. Nabathinte­kayo bazofakwa imibuzo ngalolu daba.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa