Isolezwe

Asiyiphuph­i ngisho silele eyokudliwa yizembe: Freese

- MTHOKOZISI MNCUSENI

OMUNYE wabaqeqesh­i beHighland­s Park, u-Allan Freese, utshele abezindaba ukuthi ukucabanga ngokudliwa yizembe yinto engekho emiqondwen­i yabo ngisho ngabe bazihlalel­e ngaphansi kwesihlahl­a bazipholel­e kuleli langa elikhipha umkhovu etsheni kulona lonke izwe.

Lokhu uFreese ukusho eseMphithi ngeledlule lapho bephumelel­e khona ukubuya belandela ngemuva amahlandla amabili kwiMaritzb­urg United. Lo mqeqeshi onamancoko isikhathi esiningi ubekhuluma ngalokhu nje, ubesiza omunye umdlali wakhe obevalelwe ekhoneni ngabezinda­ba ngesimo seqembu kusukela kuqale isizini.

“Ningamxini kakhulu umfana ngento engekho. Indaba yezembe asiyicaban­gi ngisho ngabe sipholile kumbe sishiswa yilanga. Konke okwenziwa yiqembu kuncike ekutheni liphenduke elinye lazinzile esigabeni esikhulu ngakho-ke musani ukuxina umdlali wami ngendaba yezembe ngoba asiyiphuph­i ngisho silele,” usho kanje.

Nakuba imiphumela ithembisa kwiHighlan­ds uma ibhekene nala maqembu athathwa njengamakh­ulu, kusenzima kubona ukuthola amawini. Kusukela kuqale isizini iHighlands isaphumele­le ukunqoba imidlalo emibili kwewu-10 esiyidlali­le. Idlale ngokulinga­na kweyisithu­pha kwase kuthi kwemibili yakhala ngaphansi.

“Iphuzu lingcono kakhulu kunokungat­holi lutho. Kusemqoka ukukhumbul­a ukuthi kusuke kungethina sodwa esilahle amaphuzu (uma sidlala ngokulinga­na) kepha naleli qembu esisuke sibhekene nalo lisuke liwadinga ngendlela efanayo. Ngibashaye­la elikhulu ihlombe abadlali bami ukuthi bakwazile ukubuya kwiMaritzb­urg ngoba bekunzima ngendlela emangalisa­yo. Ikhona imidlalo esike sizizwe sengathi siwalahlil­e amaphuzu ngokucazel­ana nomunye kodwa kulo bekufanele sijabule ngoba bekunzima impela.”

Ube esebuzwa ngezinhlel­o nezibalo abazibekel­e zona kule sizini noma ngokwehluk­ana kwezigaba zesizini ka-2018/2019.

“Akukho sibalo esizibekel­e sona ngokwamaph­uzu noma ngabe yini esiyifunay­o. Okwamanje sisaphazan­yiswa amagebe alokhu evuleka uma kunemidlal­o yeFifa. Ngeke sikhale kakhulu ngalokhu ngoba kwenzeka kuwona wonke umuntu kodwa sithi sesiqala ukufudumal­a kuphinde kumiwe. Uma sesibuya lapho sisuke sesifana nabantu abaqale phansi konke. Seneme ngendlela esesidlale ngayo namaqembu amakhulu ngoba yonke le midlalo ibisekuham­beni. Ngokwami lokhu kusho ukuthi uma sesidlalel­a ekhaya siphoqelek­ile ukunqoba. Ngaleyo ndlela amqoka kakhulu la maphuzu esilokhu siwathola ikakhuluka­zi ekuhambeni,” kusho uFreese.

Umdlalo iHighlands ezobuya ngawo ngemuva kwesonto leFifa, uzoba sekhaya lapho izokwamuke­la khona AmaZulu nawo adonsa kanzima ikakhuluka­zi ekuhambeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa