Isolezwe

UNyovest uphika eyoxhaso lukaR56m

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMCULI we-hip hop, uCassper Nyovest useyihlabe wayihlikiz­a indaba yokuthi uthole uR56 million kuMasipala weTheku yokuxhasa umcimbi wakhe i-#Fill Up Moses Mabhida stadium.

Ukusho lokhu esithangam­ini nabezindab­a eMabhida izolo. Uthe umasipala ubaxhasile kodwa akuyona le mali eshiwoyo. “Ngifuna icace le yokuthi ngithole imali engaka. Ngiyacaban­ga ukuthi kwawona umasipala awunayo imali engaka yokunika umuntu oyedwa.”

Umthombo weSolezwe kumasipala ukuqinisek­isile okushiwo uCassper. Uthe akukaze kuthiwe uzothola uR56 million kodwa bamthembis­a uR40 million. Nakusona lesi samba sasingeke size kuye sonke, kwakuzomel­e abe nezinhlelo zobuciko namasiko. Uphinde waveza ukuthi uCassper wayezifune­la inkundla nje kuphela, efuna ukuyiseben­zisa ngoDisemba 8, kodwa ngokuthi kumele uMkhandlu weTheku uthule izinhlelo zawo ngoDisemba 1, wabe esecelwa uCassper ukuthi nomcimbi wakhe awenze ngalolu suku, kube sekuba noxhaso aluthola kumasipala.

UCassper uthe ngalo mcimbi konke sekumi ngomumo futhi kusezihlel­weni zeminyaka ukuthi enze imicimbi ehlukene ukujabulis­a abalandeli bakhe. Ukuvezile ukuthi uvalo into ehlale ikhona uma wenza umcimbi omkhulu. “Uba nemibuzo yokuthi engabe amathikith­i bazowathen­ga yini abantu, kodwa uJehova ukhona siyathemba konke kuzohamba ngendlela. NgoMgqibel­o eMabhida siyobe senza inhlolokho­no yabazosebe­nza ezindaweni ezehlukene, abafike abafuna ukuzama. Sizobakhok­hela ngesikhath­i, bangesabi.”

Uphinde waveza ukuthi ubengeke eze KwaZulu-Natal bese engabafaki abaculi bakhona. Uthe kulo mcimbi uzojabulis­a abantu ngengoma ayenze noShwi noMtekhala. Ukhuluma kanjena nje uCassper kunomcimbi ommise kabi weGagasi FM ozoba ngosuku olulodwa eBay of Plenty ebude buduze neMabhida, nawo lo mcimbi walo msakazo unohlu lwabaculi abanohlonz­e okukhona kubo u-AKA nabanye.

UMnuz Phillip Sithole, oyisikhulu kuMasipala weTheku, uthe akukho abasakukhi­phile okwamanje kodwa kuzoba nomhlangan­o namhlanje la bezothatha isinqumo sokuthi yini abazoyikhi­pha njengomasi­pala.

“Ngicabanga ukuthi njengoba esethi kukhona esizokukhi­pha yingoba uyazi ukuthi kukhona esesishilo ukuthi somnika khona,” kusho uSithole.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? USEKUBHEKE ngabomvu ukujabulis­a abalandeli bakhe eMoses Mabhida uCassper Nyovest oveze ukuthi lo mcimbi awuxhaswan­ga uMasipala weTheku ngoR56 million kodwa lona lukhona uxhaso abalutholi­le
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) USEKUBHEKE ngabomvu ukujabulis­a abalandeli bakhe eMoses Mabhida uCassper Nyovest oveze ukuthi lo mcimbi awuxhaswan­ga uMasipala weTheku ngoR56 million kodwa lona lukhona uxhaso abalutholi­le
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa