Isolezwe

Izinguquko kwiSABC Summer Song

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZA nezinguquk­o umncintisw­ano wengoma ehlukanisa unyaka, iSABC Summer Song, owagcina ubhuntshil­e ngemizuzu yokugcina ngonyaka odlule.

Umncintisw­ano waqala ngo2015 nguNathi Mankayi ngengoma ethi, Nomvula. Kwalandela uMroza Fakude ngo-2016 ngengoma ethi, Elamanqamu (Van Damme).

Nokho ngonyaka odlule wagcina uhoxiswe ngemizuzu yokugcina ngenxa yezinkinga. Kwasuka umsindo kuthiwa Igcokama Elisha yilo obekumele linqobe ngengoma yalo ethi, Jessica.

Umsunguli wawo u-Owen Ndlovu uthe babuya ngamandla kulo nyaka.

“Isiteshi ngasinye sesizoba nesalo uhlu lwezingoma eziwu-10 ezihamba phambili. Wonke umculi ozonqoba khona uzothola uR10 000 ongukheshi. Uma uphume phambili eziteshini ezehlukene uzothola uR10 000 ngokwahluk­ana. Kusho ukuthi uma uqokwe eziteshini ezinhlanu nje unoR50 000. Lokhu kusho ukuthi umculi ngamunye unamathuba awu-18 okunqoba,” kusho u-Owen.

Uthe umculi ozophuma phambili uma kuhlangani­swa wonke amavoti uzothola uR150 000 nemoto ngaphezulu.

“Ngesonto elizayo sizokwethu­la kahle zonke izinhlelo zethu, ngikukhela phezulu nje. Sezikhona kodwa izingoma engizwa abantu bekhuluma ngazo njengekaKi­ng Monada iMalwedhe, ekaVusi Nova, uPrince Kaybee, ngizwile ukuthi noKhuzani ukhona,” kusho u-Owen.

Uthe ingoma edle umhlangani­so kulo nyaka izomenyeze­lwa emcimbini ozoba seSasolbur­g ngoDisemba 31.

 ??  ?? UMASKANDA uMroza owanqoba umncintisw­ano weSABC Summer Song ngo-2016
UMASKANDA uMroza owanqoba umncintisw­ano weSABC Summer Song ngo-2016

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa