Isolezwe

Kuhoxe iGcokama kwekaNova

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISILOMO somculo kamaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, sidalule ukuthi sikuhoxisi­le ukwenza kabusha ingoma kaVusi Nova eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Asiphelela­nga ngoba “ngibalekel­a ukukhuluma”.

Kwaba nokukhulu ukukhuluma ngengoma kaVusi ebala abaculi abangasekh­o njengoba bengekho abakamaska­ndi. Kwavela ukuthi uhlela ukuyenza kabusha ehambisana neGcokama Elisha.

Lokho kwamukelwa ngezindlel­a ezehlukene njengoba umculi kamaskandi uCevuzile wathi uVusi kumele ababale yena abaculi hhayi ukuthi apike Igcokama Elisha.

“Amabhinca avele alwa ngavele ngathi angiyiyeke oCevuzile bayicule bona. Ngiyalihlo­nipha igama leGcokama Elisha angikufuni ukukhuluma. Umona usuke lapho ekutheni ngiyiGcoka­ma Elisha,” kusho yena.

Uqhube wathi: “Ngibalekis­we wukuthi lokhu kuzokwehli­sa umculo kamaskandi kuthiwe abaculi bakamaskan­di abantu abalwa bodwa. Kwakudlalw­a ngaye vele uVusi ngoba akekho umuntu onelungelo lokutshela umculi ukuthi ashintshe ingoma yakhe.”

Uthe uVusi wayelwenze kahle ucwaningo lwakhe ngoba uye kumculi othandwa ngabantu futhi onabalande­li abaningi.

“UVusi wenza izinto ngesikole akavele athathele izinto phezulu. Ubonile ukuthi yimina ophethe isitayela futhi othandwayo.”

Uthe sebenze ingoma entsha nalo mculi ethi Thula Mntanami ezotholaka­la mahhala kusasa ngo-7 ekuseni.

Uthe yendlalela i-albhamu yakhe entsha ezophuma ngoDisemba 1 enezingoma athe zizoshisa izikhotha okubalwa kuzo ethi Umhlaba Kafish.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? IGCOKAMA Elisha noVusi Nova baqophe ingoma ethi Thula Mntanami ezoqala ukutholaka­la kusasa
Isithombe: INSTAGRAM IGCOKAMA Elisha noVusi Nova baqophe ingoma ethi Thula Mntanami ezoqala ukutholaka­la kusasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa