Isolezwe

Aphelile amaqhinga kaGigaba

- BONISWA MOHALE

PHEZU kokuba wayefunge wagomela ukuthi akasoze asula esikhundle­ni sakhe kodwa uzolinda ukuhoxiswa yi-ANC, izolo uMnuz Malusi Gigaba (47) obenguNgqo­ngqoshe wezaseKhay­a, ugcine esishiye phansi isikhundla.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe ngeledlule, uGigaba wathi akaziqokan­ga ngakho ngeke azehlele esikhundle­ni kodwa uzolinda i-ANC noma uMengameli wayo, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuthi amhoxise.

Bese kukaningi ecelwa ukuthi ahoxe esikhundle­ni ngenxa yezigigaba zakhe okubalwa kuzo ukusabalal­a kwevideo eziphulula ubuntu bakhe athi wayeyithum­ela inkosikazi yakhe, uNkk Nomachule Gigaba, kodwa yaputshuzw­a ngabafuna ukumkhipha esikhundle­ni.

Ihhovisi likaRamaph­osa likuqinise­kisile ukuthi uGigaba usulile esikhundle­ni ngoba ecabangela iNingizimu Afrika ne-ANC ayilungu layo.

“Ngiyasula ukwehlisa ingcindezi kuMengamel­i ukuze akwazi ukuqhuba umsebenzi wokuthuthu­kisa impilo yabantu baseNingiz­imu Afrika nokusimami­sa umnotho,” kusho uGigaba esitatimen­deni.

URamaphosa uthe uNgqongqos­he wezokuThut­ha, uDkt Blade Nzimande, uzobamba njengoNgqo­ngqoshe wezaseKhay­a.

UMengameli ubonge uGigaba ngokuseben­zela abantu baseNingiz­imu Afrika esho nokuthi usebenze ngokuzikha­ndla.

UGigaba uke wabhekana nezigigaba eziningi njengoba kuke kwavela ukuthi uneakhawun­ti e-Dubai ngesikhath­i esenguNgqo­ngqoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni kodwa kwavela ukuthi akahlangen­e nayo.

Ngo-2007 eseyiPhini likaNgqong­qoshe wezaseKhay­a uGigaba wacelwa ukuthi abuyise uR1 000 ayethenge ngawo izimbali zeValentin­es Day ayezinikez­e owayeyinko­sikazi yakhe uNokuthaba.

Ngo-2014 wagxekwa ngokwethul­a imithetho eqinile kwabafuna ukuvakashe­la iNingizimu Afrika ethi kufanele bazifakele izicelo ngokwabo ezindlini zamanxusa.

Waphinde wasolwa ngokuthi wanika umndeni wakwaGupta ubuzwe baseNingiz­imu Afrika yize wawungenaz­o izimfanelo.

Uke wasolwa nangokuson­delana nomndeni wakwaGupta kakhulu okuthiwa wayevakash­a njalo emzini wawo oseSaxonwo­ld, eGoli.

Ngo-Okthoba 27, 2018 inkantolo iNorth Gauteng High Court inqume ukuthi waqamba amanga ebe efunge ukuthi uzokhuluma iqiniso uma ethi akayinikan­ga inkampani yakwa-Oppenheime­r iFireblade igunya lokusebenz­ela e-OR Tambo.

Uphinde wasolwa ngokungawe­nzi kahle umsebenzi ngesikhath­i ephethe amabhizini­si kahulumeni ngokuthi wayeka izikhulu ukuthi zidle imali. Usolwa ngokuqokel­a uMnuz Iqbal Sharma ebhodini yakwaTrans­net elaqoka uMnuz Brian Molefe ngo-2011. Kuthiwa ibhodi yathula ngesikhath­i kuthengwa izitimela ngoR25 billion enkampanin­i yaseChina.

Usolwa ngokushiya i-Eskom ingenamali ebe kade eyifice inoR19.6 billion owukheshi nempahla ebizayo kodwa wayishiya ngo-2014 isicela imali kuhulumeni.

UGigaba uphinde asolwe ngokuwisa iSAA ngokungazi­thatheli phezulu izinqumo zikaNkk Cheryl Carolus owayenguSi­hlalo weBhodi.

Ngonyaka odlule iSAA itakulwe ngoR5 billion ukuze ikhokhele izikweletu zayo.

Ngaphandle kwezigigab­a kuhulumeni, uGigaba ubebuye abe nezigigaba empilweni yakhe yangasese. Ngo-2017 owayeyisin­qandamathe sikaGigaba, uNksz Buhle Mkhize, wabiza umkakhe ngexoxo emuva kwengxoxo eshubile eyayiphaka­thi kwabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UNksz Mkhize wathi unamafayel­a amaningi kaGigaba ngoba ubemnakeke­la futhi emusa emaholidin­i abizayo.

Isigigaba sokugcina esokuvela kwevideo kaGigaba eziphulula ubuntu bakhe.

Phezu kwakho konke uGigaba ubeyintand­okazi yabesifaza­ne akade bethanda ubuqhozoba bomzimba wakhe, isitayela sakhe sokugqoka. Uma kuvulwa iPhalamend­e ubegqokisa kuhle komuntu oya emjahweni wamahhashi okulandelw­a kuwo indikimba ethile.

Umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kudala belindile ukuthi uGigaba asule ngoba bezisazomn­etha ukube ubeqhubeka nokuhlala esikhundle­ni.

“Igama lakhe beliphezul­u ekulawulwe­ni kombuso yidlanzana, angimboni ebuya kwipolitik­i. Kufanele abheke kwezamabhi­zinisi. Ubenekusas­a elihle kodwa wadlala amakhehla nezalukazi ayesebenzi­sa umbuso ukufeza izinhloso zawo. Kunesikhat­hi lapho bekucatsha­ngwa ukuthi uGigaba

 ?? Isithombe: Cindy Waxa/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UGCINE ehlile esikhundle­ni sakhe uMnuz Malusi Gigaba emuva kokuziba abantu akade bethi makehle
Isithombe: Cindy Waxa/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UGCINE ehlile esikhundle­ni sakhe uMnuz Malusi Gigaba emuva kokuziba abantu akade bethi makehle
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa