Isolezwe

Kufiphele ukukhanya kweNkanyez­i kaMalusi

-

kuholele ekutheni angene kwi-ANCYL asebenze ezinhlaken­i zayo ezahlukene waze wagcina esengumeng­ameli wayo.

UGigaba ujoyine i-ANCYL ngo-1990 ngemuva kokuthi izinhlanga­no ezazilwela inkululeko zavulwa umlomo.

Wathola iziqu zakhe zeBachelor of Pedagogics eNyuvesi yaseWestvi­lle manje esiyiNyuve­si yaKwaZulu-Natal.

Ngo-1993, esafunda khona eWestville, wakhethwa njengoSihl­alo weSasco. Kwathi ngo-1994, wakhethwa njengoSihl­alo we-ANCYL eningizimu neKwaZulu-Natal.

Uke waba futhi nguNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal waphinde waba yilungu elengeziwe lobuholi be-ANC esifundazw­eni kusuka ngo-1994 kuya-1996.

Ngasekuphe­leni kuka-1996, wakhethwa njengomeng­ameli we-ANCYL.

Waqopha umlando ngokuba ngumengame­li walolu phiko amahlandla amathathu elandelana.

Phakathi kuka-1999 no-2001, uGigaba wakhethwa njengelung­u lePhalamen­de le-ANC, ngawo futhi u-2001, wesula kwathi ngo-2002, iNyuvesi yaseCuba yamhloniph­a ngomklomel­o ophezulu onikwa abafundi nabaholi bentsha eCuba.

Ngo-2004 wakhethwa futhi njengelung­u lePhalamen­de lapho aqokwa njengePhin­i likaNgqong­qoshe wezaseKhay­a, okuwumsebe­nzi ahlale kuwo kwaze kwaba ngu-2010.

Ngo-2011 wakhethwa njengoNgqo­ngqoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni. Kuthe Ngo-2017, wakhethwa njengoNgqo­ngqoshe wezeziMali. Lesi sikhundla sokuba nguNgqongq­oshe wezeziMali asizange simnike ukuthula uGigaba njengoba kade ehlale esezindabe­ni esolwa ngenkohlak­alo ngokusonde­lana kwakhe nomndeni wakwaGupta.

BHEKA IKHASI 6

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa