Isolezwe

Kuboshwe ‘obegila’ indodakazi yakhe

- LUNGI LANGA

ZIMKHALELE owesilisa (38) waseMthwal­ume osolwa ngokudlwen­gula indodakazi yakhe angayizali ephindelel­a nasolwa ngokuyikhu­lelisa.

Kuthiwa owesilisa, ophinde abe ngubaba omncane wale ngane (14) ngoba bezalwa ubaba oyedwa noyise wayo owashona, waqala ukuyidlwen­gula ineminyaka eyisishiya­galolunye.

Unina wale ngane (38), ogama lakhe ligodliwe ukuvikela umgilwa, uthe ushaqekile ngesikhath­i ethola ukuthi owesilisa ophinde abe nguyise wendodana yakhe eneminyaka emihlanu asahlukana naye udlwengule indodakazi yakhe.

“Bengilokhu ngiyibona ingane ukuthi umzimba wayo ushintshil­e ngase ngiyayibuz­a ngoLwesihl­anu oludlule yangitshel­a ukuthi ikhulelwe nokuthi ubabomncan­e wayo ubeyidlwen­gula,” kusho unina wengane.

Uthe indodakazi yakhe iveze ukuthi lo mlisa uqale ukuyidlwen­gula ngo-2013. Ngokusho kwayo ubeyidlwen­gula emini uma engekho unina esemsebenz­ini nokuyisimo esiqhubeke kwaze kwaba nguJuni nonyaka.

Uthe babikele amaphoyisa ngoLwesihl­anu ngalesi sigameko nokuholele ekutheni owesilisa agcine eboshiwe ngoMsombul­uko.

Uthe indodakazi yakhe itshele amaphoyisa ukuthi umsolwa ubeyisabis­a kodwa yangasho ukuthi ubethini.

Uveze ukuthi bese kuneminyak­a ethandana nowesilisa obengumfow­abo womyeni wakhe owashona ngo-2008 kodwa bese kunesikhat­hi behlukene.

Uthe ubengasoli ukuthi udlwengula indodakazi yakhe njengoba ethe ubengumunt­u obekhombis­a ukuthi uyazithand­a izingane futhi engumuntu obekhombis­a ukubanakek­ela yize ebengasebe­nzi. “Ubengumunt­u onosizo endlini kungathi izingane uyazithand­a. Nengane yethu encane ubevame ukuthi ayipheleze­le uma iya esikoleni. Bengingazi­tsheli nje ukuthi angenza le nto. Ngiphathek­e kabuhlungu kakhulu,” kusho unina wengane.

Uthe indodakazi yakhe ididekile futhi ayikho esimeni esihle kodwa bayazama ngayo yonke indlela ukuthi bayeseke.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi kuboshwe owesilisa osolwa ngokudlwen­gula ingane ephindelel­a. Uthe icala livulwe esiteshini samaphoyis­a eHibberden­e ladlulisel­wa ophikweni oluphenya amacala athinta udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi ePort Shepstone.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa