Bazowaphika amacala okuthiwa badla abantu
AMADODA amathathu ase-Estcourt asolwa ngokudla izicubu zabantu aphika ukuthi angamazimuzimu.
OMnuz Nino Mbatha (32), Lungisani Magubane (32) noMuzi Khayelihle Lamula (32) batshele iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuthi bazimisele ukuwaphika amacala abethweswe wona .
Bobathathu basolwa ngokuhlela nokubulala uNksz Zanele Hlatshwayo. UMbatha ubuye asolwe ngokucwiya uNksz Hlatshwayo nokunikeza omunye umuntu izitho zomufi ukuze ayokwenza umuthi.
Ebhokisini kugibele ufakazi wokuqala woMbuso uConstable Ndumiso Ntshalintshali, osebenza esiteshini samaphoyisa khona e-Estcourt.
Utshele inkantolo ukuthi wayesebenza esiteshini ngo-Agasti nyakenye ngesikhathi kungena uMbatha esiteshini ephethe ubhakha wengane opink ememeza ethi ucela usizo lwamaphoyisa usekhathele ukuphoqwa ukuthi adle inyama yomuntu.
“Ngokujwayelekile umuntu uma efika esiteshini samaphoyisa uyalinda aze axoxe nephoyisa elimsizayo kodwa yena wabhadluluka ekhuluma. Ngangicabanga ukuthi akaphilile ekhanda kodwa ngambiza ukuze ngizwe ukuthi uthini,” kusho uNtshalintshali.
Uthe uMbatha wazibiza ngendodana yenyanga uSosobala Mbatha, waseNquthu, wathi kunabantu abamphoqa ukuthi adle inyama yomuntu futhi abafuna abenzele umuthi wokuthi bacebe, angakwazi ukuwenza.
“Waqhubeka wathi laba bantu bamphoqa nokuthi aye ocansini nabantu besifazane useze waba nesifo socansi. Ngabona ukuthi le ndaba inkulu ngabiza uzakwethu ukuthi azongilalelisa, ngamazisa ngamalungelo akhe okuthi angathula angasho lutho kodwa wavula ubhaka wakhipha isandla wasibeka phezu kwetafula wathi nazi ezinye izicubu. Sathuka sacabanga ukuthi mhlawumbe esikanodoli, ngoba sasibukeka njengerabha. Sisathukile, wafaka isandla kuwo ubhaka wakhipha iteku elibomvu elinukayo. Kulo kwakukhona unyawo lomuntu olwase lubolile, lunezimpethu, “
Uthe wabe esemtshela ukuthi uzombophela ukuthi ubulele umuntu. Uthe khona lapho uMbatha wathi abaphuthume endaweni yaseSigodlweni, kuyoboshwa laba ebemphoqa ukuthi adle inyama yomuntu.
“Ngabiza umasiteshi nabanye ozakwethu sanikela kulo muzi. Kulapho uMbatha angikhombisa ezinye izicubu, ezazisendlini eyayibukeka sengathi usebenzela kuyo ngoba yayinemithi,”
Omunye uzakwabo uthe wangqongqoza kwenye indlu, wathola umuntu owamnika ulwazi lokuthi uMagubane uhlale ekhona kule ndlu ehlala uMbatha angakwazi ukuchaza ukuthi kwenziwani kuyo.
Icala liyaqhubeka.