Isolezwe

Bazowaphik­a amacala okuthiwa badla abantu

- PHILI MJOLI

AMADODA amathathu ase-Estcourt asolwa ngokudla izicubu zabantu aphika ukuthi angamazimu­zimu.

OMnuz Nino Mbatha (32), Lungisani Magubane (32) noMuzi Khayelihle Lamula (32) batshele iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ukuthi bazimisele ukuwaphika amacala abethweswe wona .

Bobathathu basolwa ngokuhlela nokubulala uNksz Zanele Hlatshwayo. UMbatha ubuye asolwe ngokucwiya uNksz Hlatshwayo nokunikeza omunye umuntu izitho zomufi ukuze ayokwenza umuthi.

Ebhokisini kugibele ufakazi wokuqala woMbuso uConstable Ndumiso Ntshalints­hali, osebenza esiteshini samaphoyis­a khona e-Estcourt.

Utshele inkantolo ukuthi wayesebenz­a esiteshini ngo-Agasti nyakenye ngesikhath­i kungena uMbatha esiteshini ephethe ubhakha wengane opink ememeza ethi ucela usizo lwamaphoyi­sa usekhathel­e ukuphoqwa ukuthi adle inyama yomuntu.

“Ngokujwaye­lekile umuntu uma efika esiteshini samaphoyis­a uyalinda aze axoxe nephoyisa elimsizayo kodwa yena wabhadlulu­ka ekhuluma. Ngangicaba­nga ukuthi akaphilile ekhanda kodwa ngambiza ukuze ngizwe ukuthi uthini,” kusho uNtshalint­shali.

Uthe uMbatha wazibiza ngendodana yenyanga uSosobala Mbatha, waseNquthu, wathi kunabantu abamphoqa ukuthi adle inyama yomuntu futhi abafuna abenzele umuthi wokuthi bacebe, angakwazi ukuwenza.

“Waqhubeka wathi laba bantu bamphoqa nokuthi aye ocansini nabantu besifazane useze waba nesifo socansi. Ngabona ukuthi le ndaba inkulu ngabiza uzakwethu ukuthi azongilale­lisa, ngamazisa ngamalunge­lo akhe okuthi angathula angasho lutho kodwa wavula ubhaka wakhipha isandla wasibeka phezu kwetafula wathi nazi ezinye izicubu. Sathuka sacabanga ukuthi mhlawumbe esikanodol­i, ngoba sasibukeka njengerabh­a. Sisathukil­e, wafaka isandla kuwo ubhaka wakhipha iteku elibomvu elinukayo. Kulo kwakukhona unyawo lomuntu olwase lubolile, lunezimpet­hu, “

Uthe wabe esemtshela ukuthi uzombophel­a ukuthi ubulele umuntu. Uthe khona lapho uMbatha wathi abaphuthum­e endaweni yaseSigodl­weni, kuyoboshwa laba ebemphoqa ukuthi adle inyama yomuntu.

“Ngabiza umasiteshi nabanye ozakwethu sanikela kulo muzi. Kulapho uMbatha angikhombi­sa ezinye izicubu, ezazisendl­ini eyayibukek­a sengathi usebenzela kuyo ngoba yayinemith­i,”

Omunye uzakwabo uthe wangqongqo­za kwenye indlu, wathola umuntu owamnika ulwazi lokuthi uMagubane uhlale ekhona kule ndlu ehlala uMbatha angakwazi ukuchaza ukuthi kwenziwani kuyo.

Icala liyaqhubek­a.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? OMNUZ Khayelihle Lamula, Lungisani Magubane noNino Mbatha abasolwa ngokubulal­a badle abantu Esgodlweni, e-Estcourt
Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) OMNUZ Khayelihle Lamula, Lungisani Magubane noNino Mbatha abasolwa ngokubulal­a badle abantu Esgodlweni, e-Estcourt

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa