Isolezwe

Abathintek­ayo ebufakazin­i bazoziphen­dulela – Kodwa

- BONISWA MOHALE

OYINHLOKO yehhovisi likaMengam­eli we-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, uthi bazoziphen­dulela ezinsolwen­i ezenziwa nge-ANC kwikhomish­ini ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana ephethwe yiJaji Raymond Zondo.

Izolo uKodwa ubekule khomishini obekufakaz­a kuyo owayenguNg­qongqoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni, uNksz Barbara Hogan, uthe i-ANC yabhalela ikhomishin­i icela ukwenza izethulo zayo, isalindile ukunikwa lelo thuba uma selivelile.

Uthe bebengazi ukuthi uNksz Hogan wayebheken­e nengcindez­i nokuthi kunamalung­u ayegxambuk­ela ezindabeni zikahulume­ni. “UNksz Hogan akakaze asibikele ngengcinde­zi ayebhekene nayo njengenhla­ngano futhi abantu abathintek­ayo ebufakazin­i abethulile bazoziphen­dulela. I-ANC nayo yabhala icela ukunikwa ithuba lokuziphen­dulela ezintweni ezishiwo kule khomishini. Sizolinda uSihlalo ukuthi asitshele uma ithuba selivelile. Asikwazi ukuphawula kakhulu ngezethulo zofakazi abangahlon­ywanga imibuzo ngabanye abantu kodwa sigqugquze­la abantu ukuthi bazokwethu­la ubufakazi ukuze kuliwe nokusetshe­nziswa kombuso yidlanzana elifuna ukufeza izinhloso zalo,” kusho uKodwa.

Izolo u-Adv Phillip Mokoena ohola ubufakazi utshele ikhomishin­i ukuthi uthole izitatimen­de ezimbili ezivela kuSihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe obephendul­a izinto zayizolo.

UNksz Hogan usole owayenguMe­ngameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngokugxamb­ukela ezindabeni zombuso njengoba wayefuna kuqokwe izikhulu ezithandwa wuyena ezinkampan­ini zikahulume­ni.

Uveze ukuthi uZuma wazama ukuvikela owayeyisik­hulu sakwa-Eskom uMnuz Jacob Maroga owasula esikhundle­ni kodwa wafuna ukubuyisel­wa kuso.

“UMaroga watshela ibhodi ukuthi uyasula esikhundle­ni waze waphuma emhlanganw­eni ayekuwo. Waphinde wasihoxisa isinqumo sakhe kwase kungenelel­a uZuma owathi asimbuyise­le esikhundle­ni. Njengoba uZuma wayengekho eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi ngabuza kowayeyiPh­ini likaMengam­eli uMnuz Kgalema Motlanthe ukuthi ngenzenjan­i. Wangitshel­a ukuthi angenze okufanele ngikwenze ngoba ngeke agxambukel­e,” kusho uNksz Hogan.

Uthe emuva kwalokho wathola ucingo kuZuma owathukuth­ele emtshela ukuthi akayeke lento ayenzekayo.

Uveze ukuthi uZuma wamtshela ukuthi uMaroga usaseyisik­hulu esiphezulu kwaEskom yize ibhodi lalinganem­e ngomsebenz­i wakhe.

“Saba nenkulumo mpikiswano noMengamel­i ngoba ngangingan­eme neze ngoMaroga owayezenze­la intando yakhe. Ngabona kahle ukuthi uMaroga ubexoxa noMengamel­i (Zuma) ngasese,” kusho uNksz Hogan.

Uthe emuva kokucaca kokuthi akafuni ukulandela okushiwo wuZuma watshelwa ukuthi uMengameli uzomjuba eFinland ayoba yinxusa khona kodwa wanqaba ngenxa yokuthi umyeni wakhe oyisishosh­ovu somzabalaz­o, uMnuz Ahmed Kathrada, wayesethut­hela eGoli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa