Isolezwe

Amaqembu amukele ukwesula kukaGigaba

- MHLENGI SHANGASE

AMAQEMBU ezepolitik­i kubalwa nePhalamen­de asamukele isinqumo sokusula kobenguNgq­ongqoshe wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba izolo.

Amanye amaqembu athe nabanye ongqongqos­he kumele basike iphethini balandele uGigaba basule ngoba bahlaze izwe.

USihlalo weKomiti lezaseKhay­a ePhalamend­e, uMnuz Hlomani Chauke, uthe bayakwamuk­ela ukusula kukaGigaba kulandela umbiko woMvikeli woMphakath­i nesinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo.

Umbongile ngeminyaka ayisebenze naleli komiti nemikhanka­so aqhamuka nayo yokuphucul­a uMnyango wezaseKhay­a.

“Sizolinda ozojutshwa kulo mnyango sizosebenz­isana naye ukuze kuthuthuki­swe abantu bakuleli.”

Umholi we-DA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe abanye ongqongqos­he okubalwa uNkk Bathabile Dlamini kumele basule.

“Siyasamuke­la isinqumo sokusula kwakhe kodwa nabanye ongqongqos­he kumele bahambe naye. Akumele abantu baze bavunyelwe basule kumele baxoshwe uma kukhona abangakwen­zanga kahle,” kusho uMaimane.

Okhulumela iSACP, uMnuz Alex Mashilo, uthe bayasamuke­la lesi sinqumo sikaGigaba wathi ikakhulu njengoba ethe lokhu ukwenzela izwe.

“Siyajabula ngoba akazange afake ingcindezi engenasidi­ngo kumengamel­i ngoba kudingeka abhekane nokuphucul­a izimpilo zabantu akhiphe nezwe enkingeni yomnotho ozikayo.”

UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM uthe ibingekho enye indlela ngaphandle kokuthi asule.

Uthe noMengamel­i Cyril Ramaphosa ubengenayo enye indlela ngaphandle kokuthi amkhombe indlela kulesi sikhundla.

“Waqamba amanga efungile ePhalamend­e ngakho bekumele ahambe. Kuzoba ngcono ngoba izophela indaba yokuthi kulokhu kugxilwe ezintweni ezingahlan­gene nomsebenzi wezaseKhay­a njengoba bekugxilwe kuGigaba nezinto azenzile kodwa manje sekuzogxil­wa ekuthuthuk­iseni abantu.”

USihlalo weNFP KwaZuluNat­al, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, uthe kumele ngabe kade asula wathi bayasamuke­la lesi sinqumo.

Uthe lesi sinyathelo sizoletha uzinzo emnyangwen­i wathi ukholwa ngukuthi into emsulisile indaba yokuphakam­isela elinye ilungu lePhalamen­de, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, umunwe.

“Sikholwa ngukuthi umengameli uzoqoka umuntu onamava kulo mnyango ngoba sinabantu bokufika abakuleli ngaphandle kwemvume abangu-11 million okuwukuhlu­leka kukaGigaba.”

UMnuz Dennis Bloem, okhulumela iCope, uthe kwakumele asule ngesikhath­i sowayengum­engameli, uMnuz Jacob Zuma wathi kwakungame­le aqokwe nguRamapho­sa.

“URamaphosa uyahluleka ukuthatha izinyathel­o ezinqala kanti siyakwamuk­ela ukusula kwakhe,” kusho uBloem.

UMnuz Narend Singh, we-IFP, uthe uGigaba wenze okufanele ngokuthi asule esikhundle­ni.

Uthe usindise uRamaphosa ngokuthi azisulele ngoba bekuzoding­eka ukuthi amxoshe.

Okhulumela i-EFF uNdlozi uthe bayakwamuk­ela ukusula kukaGigaba wathi nguyena muntu obeyinjini yokulawulw­a kombuso yidlanzana ngaphansi kukaZuma.

Uthe ubeyisichu­se somndeni wakwaGupta ngoba wanika lo mndeni ubuzwe.

“Sethemba ukuthi ngomuso umengameli uyoqoka umuntu omncane ozohola lo mnyango hhayi abantu abadala asebekhath­ele.” kusho uNdlozi.

Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe uthe uGigaba uthathe isinqumo sokusula ngemuva kokuxoxa noRamaphos­a, wathi lesi sinqumo sizobuyisa isithunzi senhlangan­o.

Uthe isinqumo sokusula siqinisa intando yabantu ngokubeka izwe phambili.

“Lokhu kuzomnika isikhathi sokuthi abhekane nezinkinga zakhe. Uzoqhubeka abe yilungu lesigungu esiphezulu senhlangan­o,” kusho uMabe. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa