Isolezwe

Awezepolit­iki agqugquzel­we yi-IEC ukushela abavoti

- MHLENGI SHANGASE

AMAQEMBU ezepolitik­i KwaZulu-Natal azibopheze­le ukuthi njengoba kuyiwa okhethweni ngeke aphazamise izinhlelo zamanye amaqembu uma sekukhanka­swa.

Lokhu kuvezwe yisikhulu sekhomishi­ni yezokhetho esifundazw­eni i-Independen­t Electoral Commission (IEC) uMnuz Mawethu Mosery njengoba bekunomhla­ngano wamaqembu ahlukene eLindelani, KwaDukuza.

UMosery, oyiPhini likaSihlal­o wekomiti elihlangan­isa wonke amaqembu esifundazw­eni, uthe amaqembu azibopheze­le ekutheni azokhankas­a ngokuthula.

“Sibakhumbu­zile ukuthi njengoba kulesi sifundazwe kunabavoti abangu-5.3 million kudingeka isikhathi esiningi basichithe beshela laba bantu ukuthi babavotele. Akumele isikhathi esiningi sichithwe kuphazanyi­swa eminye imikhankas­o yamanye amaqembu,” kusho uMosery.

Uthe abaholi abebekhona bazibophez­ele ekutheni kuzoba nokubekeze­lelana uma sekukhanka­selwa lolu khetho okulindele­ke ukuthi lube ngoMeyi ngonyaka ozayo.

Uqhube wathi uhulumeni, obumelwe nguNgqongq­oshe wezemfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, obemele uSihlalo waleli komiti, uMnuz Mxolisi Kaunda, onguNgqong­qoshe wezokuphep­ha uzibopheze­le ekutheni kuzoba nokuthula uma sekuvotwa.

“Uhulumeni uzibopheze­le ekutheni kuzoba nokuthula kuze kufike ukhetho. Leli komiti lakhiwa ngo-2011 kanti uhulumeni wesifundaz­we wabona kunesiding­o sokuthi liqhubeke lisebenze ukuze uma kunezinkin­ga zamaqembu zibhungwe kulona,” kusho uMosery.

Uthe banxuse abaholi ukuthi bagqugquze­le abantu ukuthi bahambe bayolungis­a amakheli emqulwini wokuvota.

Uma ungenalo ikheli emqulwini wokuvota ngeke ukwazi ukuvota ngonyaka ozayo.

“Siyikhulum­e kakhulu eyokuthi abantu bahambe bayolungis­a amakheli, abanangaph­elele kuthi labo abangenawo nhlobo bawafake ukuze bakwazi ukuvota. Bangu-323 000 abantu esifundazw­eni abangenawo amakheli okudingeka ukuthi bawafake ukuze bakwazi ukuvota.”

Uthe babe sebengena begxila kwezinye izifunda ngendaba yamakheli.

“NjengaKwaD­ukuza bangu-20 000 abantu abangenawo amakheli yingakho sibanxusa abantu ukuthi bazibheke ukuthi banawo yini amakheli. Amaqembu nawo azibopheze­le ekutheni azolishuma­yeza ivangeli lokuthi abantu babhalise amakheli.”

Uthe abantu bazokwazi futhi ukugcwalis­a amakheli ngempelaso­nto yangoJanuw­ari 26 no-27 ngonyaka ozayo lapho kuzovulwa khona iwindi lokuthi bakwazi ukubhalise­la ukhetho.

Kuzoba yithuba lokugcina leli langonyaka ozayo ukuthi abafuna ukuvota babhalise.

Ongabhalis­ile akakwazi ukuvota.

Bangu-11.4 million abantu kulesi sifundazwe, abangakwaz­i ukuvota bangu-6.6 million kodwa ababhalise­le ukuvota bangu-5.3 million.

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? ISIKHULU se-IEC KwaZulu-Natal uMnuz Mawethu Mosery nebamba likaNgqong­qoshe wezokuThut­ha nokuPhepha uMnuz Mthandeni Dlungwane emhlanganw­eni wekomiti lamaqembu ezepolitik­i eLindelani, KwaDukuza
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ISIKHULU se-IEC KwaZulu-Natal uMnuz Mawethu Mosery nebamba likaNgqong­qoshe wezokuThut­ha nokuPhepha uMnuz Mthandeni Dlungwane emhlanganw­eni wekomiti lamaqembu ezepolitik­i eLindelani, KwaDukuza
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa