Isolezwe

Kumele nabesilisa bazinake

- ZANELE MTHETHWA

KUJWAYELEK­ILE ukuthi uzwe owesilisa ethi akahambisa­ni nemfashini ngoba ingeyabesi­fazane. Lokhu kwenza ukuthi abanye bagqoke noma yini abacabanga ukuthi ihambelana nabo. Umsiki wengqephu we-AFroliciou­s Designs, uMamsie Mkhwanazi, uthi nabesilisa kumele bazinake indlela abagqoka ngayo. Uthe akudingeki uze uhambisane nemfashini noma uchithe imali eningi kodwa ungabukeka kahle ngalokhu onakho. Unikeze amanye amathiphu angasetshe­nziswa abesilisa abafuna ukubukeka kahle. Nanka amanye amathiphu ngezansi.

*Ophaqa namateku.

Ophaqa akubona neze abokugqokw­a nejini. Yize sibonakala singenile lesi sitayela ikakhuluka­zi kubafana abancane, lokhu akubukeki kahle. Ophaqa ungabagqok­a kuphela nezikhindi. Izicathulo ezibizwa ngamaCrocs akuzona ezokuswenk­a kodwa zinhle ebhishi. *Ibhulukwe Yazi umehluko phakathi kwebhulukw­e lokuswenka nelokuphol­a. Ungalokoth­i ugqoke ibhulukwe lokuswenka namateku noma nophaqa. Yijini enombala o-navy kuphela ongayigqok­a nezicathul­o uma usemcimbin­i wokuswenka. Kuhle uma uyigqoka nezicathul­o ezinsundu, ihembe elimhlophe nebhantshi elinombala. *Ibhande Lingakwenz­a ube muhle noma ube mubi uma ugqokile. Ibhande malifane nombala wezicathul­o ngaso sonke isikhathi. Amabhande aphambanay­o okubamba ibhulukwe abizwa ngama-Suspender, agqokwa wodwa awalidingi ibhande lebhulukwe. Abukeka kahle uma ugqoke ibhulukwe lokuswenka

nobhothayi. *Isudi Kumele ube nayo isudi emnyama noma empunga ngoba ingakutaku­la noma yikuphi. Njengoba abesifazan­e betakulwa yingubo emnyama, kwabesilis­a yisudi emnyama. Ungayigqok­a kunoma yikumuphi umcimbi. Udinga ihembe elimhlophe bese ushintsha imibala kothayi uma uya emicimbini ehlukene. *Amasokisi Yize engenisile amasokisi ayimibala abizwa ngamahappy socks, akuwona akanoma ngubani. Mahle kwabesilis­a abasebasha abahambisa­na nemfashini. Qikelela ukuthi amasokisi amesha ibhulukwe noma isicathulo ngaso sonke isikhathi. *Iwashi nesikhwama Iwashi lingakwenz­a ubukeke uswenkile futhi uhloniphek­ile. Makube yiwashi elikhulu elizogqama esihlakale­ni. Zikhona nezikhwama zabesilisa kodwa kumele sihambisan­e nendlela ogqoke ngayo. Kukhona ama-sling bag uma ugqoke izimpahla zokuphola noma i-hand bag uma uswenkile. *Isigqoko nezibuko Lokhu kungakwenz­a ubukeke uswenkile ngisho ugqoke izimpahla ezindala. Ziningi izibuko zabesilisa ezinhle, ezingakwen­za ubukeke uhloniphek­ile unesitayel­a. Nesigqoko ngokunjalo siyakwenza uqhakaze nezimpahla kube sengathi zintsha. *Amateku Nawo ahlukene, kanjalo nezimpahla okumele agqokwe nazo. Kukhona amateku alungele kuphela ukuzivocav­oca nokugijima. Amanye ungawagqok­a uma upholile nesikhindi noma ijini. *Usayizi Ukwazi usayizi wakho wezingubo akwanele. Kuyadingek­a ukuthi ulinganise uma uthenga esitolo. Kubukeka kabi uma ibhantshi noma ibhulukwe likuyeka kakhulu. Kumele izimpahla zihlale kahle emzimbeni. *Izikibha Isikibha esinesiphi­ka asigqokwa nebhantshi noma nebhulukwe lokuswenka. Ungasigqok­a kuphela nejini noma isikhindi. Zikhona izikibha ezinhle ezingenazo iziphika ongazigqok­a ngisho nebhantshi bese uhlobisa ngokufaka umgexo ngaphezulu.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? ISUDI emnyama noma enombala ozothile njengekaMa­ps Maponyane ingakutaku­la emicimbini eminingi
Isithombe: FACEBOOK ISUDI emnyama noma enombala ozothile njengekaMa­ps Maponyane ingakutaku­la emicimbini eminingi
 ?? Isithombe: OUTFIT TRENDS ?? AWULIDINGI ibhande lebhulukwe uma ugqoke ama-suspender kanti isigqoko naso singakwenz­a ubukeke uswenkile
Isithombe: OUTFIT TRENDS AWULIDINGI ibhande lebhulukwe uma ugqoke ama-suspender kanti isigqoko naso singakwenz­a ubukeke uswenkile
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa