Isolezwe

Uvalo kuhlaselwa ofakazi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umndeni wowesifaza­ne obekulinde­leke ukuthi abe ufakazi ecaleni lokubulala okuthiwa uhlaselwe izigebengu zamdubula, wagcina enqanyulwe ingalo.

UNksz Lindiwe Mthethwa (43) waseTrustf­eed ngaseWartb­urg uhlaselwe abantu ekuqaleni kwale nyanga, bamdubula bamshiya bezitshela ukuthi ushonile.

Omunye wesifazane wakule ndawo naye obengufaka­zi ecaleni lokubulala, kuthiwa kufike abahlaseli kubo kodwa bangamfica ngoba esekubhace­ni.

Laba bangofakaz­i ecaleni lokubulawa kukaMnuz Mbuzo Zondi (22) owabulawa ngoDisemba 24, 2015.

UZondi wayematasa eshisa inyama ngaphandle kwendawo yokucima ukoma eTrustfeed ngesikhath­i ehlaselwa, washaywa wabe esegwazwa. Waphuthuny­iswa esibhedlel­a, wafika washonela khona. Icala lavulwa esiteshini samaphoyis­a eNew Hanover, kwaboshwa oMnuz Sandile Khumalo (35), Ayanda Khumalo (24), Sanele Shangase (21) noMlungisi Shezi (30).

Abasolwa bebevele ngoMsombul­uko enkantolo, icala lahlehlise­lwa uNovemba 22 nokuwusuku okulindele­ke ukuthi liqale ukuqulwa ngalo icala.

Umfowabo kaNksz Mthethwa, uMnuz Bonginkosi Mthethwa, uthe basasaba ngemuva kokuhlasel­wa kukadadewa­bo futhi ababoni ukuthi uyoke abuye endaweni.

“Udadewethu uhlaselwe eyedwa, wadubuleka kabi ngakwesing­enhla emzimbeni. Kumanje usesibhedl­ela, unqanyulwe ingalo ngenxa yalokhu kuhlaselwa. Ube esenquma ukuthi ngeke asakwazi ukubuyela kule ndawo kulandela lokhu kuhlaselwa. Nathi siwumndeni asazi noma abahlaseli basazobuya yini, asazi noma siphephile yini. Siyesaba,” kusho uMthethwa.

Ikhansela lakule ndawo, ku-ward 8, uMnuz Fasties Mbongwa, uthe uze waphoqelek­a ukuba abize umhlangano womphakath­i njengoba abanye abantu benovalo emuva kwalesi sigameko.

“Amanye amalungu omphakathi avezile ukuthi akhathazek­ile kakhulu ngokuba kuhlaselwe ofakazi ecaleni lokubulala. Lokhu kuzokwenza bantu basabe ukusebenzi­sana namaphoyis­a. Umphakathi siwucelile ukuba wehlise umoya, amaphoyisa aqhubeke nomsebenzi wawo,” kusho uMbongwa.

Kuleli cala lokuhlasel­wa kukaNksz Mthethwa kuboshwe abasolwa abane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe bazobhekan­a necala lokuzama ukubulala.

“Owesifazan­e watholwa enenqwaba yamanxeba okudutshul­wa emzini wakhe eTrustfeed. Wayiswa esibhedlel­a lapho athola khona ukulashwa. Amaphoyisa aseNew Hanover abe esevula icala lokuzama ukubulala.

Amaphoyisa abophe oMnuz Sandile Khumalo (35), Sihle Mthembu (31), Aslam Ndlela (25) no Thobani Ndlovu (26). Bavelile enkantolo yaseNew Hanover ngoNovemba 8,” kusho uZwane.

UKhumalo uboshwe kuwo womabili amacala elokubulal­a nelokuzama ukubulala kanti kulindelek­e ukuthiavel­e enkantolo nozwakwabo ecaleni lokubulala ngoNovemba 22.

Kusolwa ukuthi uKhumalo nabasolwa bebezama ukucisha ubufakazi ecaleni ababhekene nalo lokubulala, ngokuhlase­la ofakazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa