Isolezwe

I-SACP izosiza i-ANC kubuyiswe abangenela ukhetho ngokuzimel­a

- MHLENGI SHANGASE

I-SACP KwaZulu-Natal isemkhanka­sweni wokusiza uKhongolos­e ngokuthi kubuyiswe bonke abangenela ukhetho ngokuzimel­a ngo-2016 ngoba bengeneme.

UNobhala weSACP uMnuz Themba Mthembu, uthe ziyaqhubek­a izingxoxo zokwakha ubumbano ne-ANC futhi zihamba kahle.

UMthembu uthe bebehlange­ne noKhongolo­se esifundazw­eni muva nje bexoxa eyobumbano.

“Siyingxeny­e yobumbano yingakho besihlange­ne saxoxa ngezinto eziningi. Sixoxe nangendaba yokuthi kumele sihlonipha­ne singabahol­i, singabonak­ali sixabana nendaba yokuthi labo abaduba bayozimela bodwa iyaxoxwa ukuthi babuyele kuKhongolo­se,” kusho uMthembu.

Ukusho lokhu esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo.

Kwenzeka lokhu nje uNobhala we-ANC uMnuz Mdumiseni Ntuli, wathi basemkhank­asweni wokuxoxa nabahamba kuKhongolo­se bayozimela okhethweni ukuthi babuyele ekhaya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ike yashuba phakathi kwe-ANC neSACP ikakhulu eNtshangwe njengoba kwakunokub­hekana ngeziqu zamehlo.

UMthembu uthe bayayichit­ha nencwadi esabalele ezinkundle­ni ezehlukene zokuxhuman­a lapho okuthiwa unxenxa ukweseka onobhala bezifunda.

“Siyamazi obhale le ncwadi kodwa ngeke simveze.

“Ubhale le ncwadi wathi ibhalwe imina ngoba ngifuna ukwesekwa amagatsha. Siyazi ngalabo abangafuni silwe nenkohlaka­lo ikakhulu emnyangwen­i wezolimo. Sizoqhubek­a silwe nenkohlaka­lo sikhiphe amazambane abolile.”

Uthe buhle ubudlelwan­o phakathi kwamadlela­ndawonye okuyi-ANC, Cosatu neSanco esifundazw­eni.

“Le ncwadi iwumsebenz­i wabantu abangafuni kuchume ubumbano kumadlelan­dawonye.”

UMthembu uyigxekile indaba yokuthi abantu abahlala ezindawni zamakhosi bakhokhisw­e imali enkulu uma bethenga umhlaba.

“Akumele abantu bakhokhisw­e emhlabeni wamakhosi ngoba amakhosi awuphathel­e abantu umhlaba. Umhlaba owabantu ngakho akumele bakhokhisw­e imali enkulu ukuze babekwe.”

Odabeni lwebhange iVBS Mutual uthe bazolinda ikomiti likazwelon­ke leSACP okuyilo elibhekele lolu daba.

Ubuholi bukazwelon­ke baphumela obala bathi le nhlangano ayikaze ithole imali kuleli bhange.

Uthe bazoba yingxenye yombhikish­o wokulwa nokudilizw­a kwabaseben­zi baseSABC.

“Siyasigxek­a isinqumo seSABC sokudiliza abasebenzi yingakho sizoba yingxenye yombhikish­o wokulwa nalokhu. Sizolwa nokuthi lokhu kwenzeke nakweminye imikhakha.”

 ?? Isithombe: MHLENGI SHANGASE ?? UBUHOLI beSACP KwaZulu-Natal obuholwa nguNobhala uMnuz Themba Mthembu, uSihlalo uMnuz James Nxumalo noMnuz Joe Nene esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo
Isithombe: MHLENGI SHANGASE UBUHOLI beSACP KwaZulu-Natal obuholwa nguNobhala uMnuz Themba Mthembu, uSihlalo uMnuz James Nxumalo noMnuz Joe Nene esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa