Isolezwe

Akubikwe ngenkohlak­alo: imeya

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede ixwayisa ngokuthi uphenyo ngezinsolo zenkohlaka­lo nokukhwaba­nisa akumele lusetshenz­iswe ukulwa izimpi zezepoliti­ki nokungcoli­sa amagama abantu.

UNkk Gumede usho lokhu ethula inkulumo yakhe efundwe nguSihlalo wekomiti elibhekele­le ukusebenza kwezimali zomkhandlu, uMnuz Thabani Luthuli ngesikhath­i kunesithan­gami sokuqwashi­sa ngenkohlak­alo e-Exibhition Centre eThekwini izolo uNkk Gumede uthe abantu bavele benze izinsolo ezingabamb­eki ngenhloso yokungcoli­sa amagama amahle abantu. “Le nto seyijwayel­ekile lapha eNingizimu Afrika, uthola abezindaba besetshenz­iswa ukungcolis­a amagama osopolitik­i nawabanye abantu, siyaqonda futhi ukuthi kunento ekhona ehlose ukudweba isithombe esenza kubukeke sengathi aboHlanga nosondonzi­ma bosopoliti­ki bakhohlake­le.” Uthe kungalezi zithathu bephoqelek­a ukuthi baye ezinkantol­o noma kulabo ababhekele­le ukusebenza kwabezinda­ba ukuze bageze amagama abo. “Ngebhadi ukuxolisa okwenziway­o akuphumi emakhasini okuqala, kungalesi sizathu futhi njengoba samukela neKhomisha­na kaZondo ephenya ngokugwama­ndwa kwamandla ombuso,” kusho uNkk Gumede.

Uthe impi yabo yenkohlaka­lo icacile futhi ayihlosile ukugquza abantu abathile. “Impi yethu nenkohlaka­lo imayelana nokwenza isiqinisek­o sokuthi umkhandlu usebenza kahle nokuvikela izinsiza,” kusho uNkk Gumede.

Unxuse izakhamuzi ukuba ziphumele obala zibike ngezigamek­o zenkohlaka­lo.

“Siyaqonda ukuthi ukukhwaban­isa nenkohlaka­lo kuphazamis­a ukusebenza nombono kamasipala.

 ??  ?? IMEYA yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede ithi uphenyo ngezinsolo zenkohlaka­lo akumele lusetshenz­iselwe ukulwa izimpi zezombusaz­we nokungcoli­sa amagama abantu
IMEYA yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede ithi uphenyo ngezinsolo zenkohlaka­lo akumele lusetshenz­iselwe ukulwa izimpi zezombusaz­we nokungcoli­sa amagama abantu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa