Isolezwe

Kunconywe isikhungo sokusoka sikadokote­la

- ZANELE MTHETHWA

USAZIMISEL­E ukwenza okukhulu ukuthuthuk­isa abanye udokotela waseThekwi­ni, indawo yakhe ehlonzwe njengehamb­a phambili emkhankasw­eni wokusoka esifundazw­eni.

UDkt Qiniso Mlita (36) ongumnikaz­i weNet Q Medical Centre esemgwaqwe­ni uSteve Biko, uchonywe uphaphe ngesikhath­i kuzohlolwa indawo yakhe ngesonto eledlule.

Le ndawo evulwe ngonyaka odlule, uDkt Mlita wayiqala ngokusizan­a nabaxhasi bakhe iSouthern Health Foundation.

UDkt Mlita ozalwa eMthwalume uthe njalo ngonyaka kufika izikhulu ezizohlola izikhungo ezisebenza ngaphansi kwe-United States Agency for Internatio­nal Developmen­t. Mayelana nokuvulwa kwale ndawo uthe washiya umsebenzi KwaHlabisa ngoba kukude kakhulu nasekhaya eThekwini, ekubeni unina ubegula. “Ngangisand­a kwesula emsebenzin­i ngafonelwa omunye udokotela engitshela ukuthi kunohlelo lokusoka oluxhaswe yiMelika ukusiza abakuleli ukugqugquz­ela ukusoka. Wathi bafuna udokotela abazoseben­za naye ukuqhuba uhlelo lokusoka,” echaza,

UMlita useqeqeshe odokotela abangaphez­u kuka-36 abafakwe kwezinye izindawo zokusoka kanti nasendawen­i yakhe uyasoka.

Uthe bangaphezu kuka-500 asebasokil­e kusukela evule indawo yakhe. Yize enconywa kakhulu ngokusoka, kwelashelw­a zonke izifo endaweni yakhe.

Wathola indawo ngaphansi kweDurban University of Technology (DUT), wakha indawo yokusebenz­ela, ehanjelwa nangabafun­di bakhona. Uqeqeshelw­e nokukhipha imithi athe wenzela ukuthi wonke umuntu odinga usizo aluthole.

“Ngikukhath­alele kakhulu ukuthuthuk­isa umphakathi nokukhutha­za intsha. Ngihambela izikole nezikhungo zemfundo ephakeme ngigqugquz­ela abafundi kuyo yonke imikhakha. Ngifisa eminyakeni emithathu okungenani ngibe sengiqashe abantu abangu-60, ikakhuluka­zi intsha,” echaza.

Kule ndawo yakhe kukhona nodokotela wamazinyo kanti usalinde owamehlo athi ufuna kube ngowesifaz­ane omnyama. Ucelwe nayiDUT ukusiza ohlelweni lokuqeqesh­a abasebenzi kwezobuhol­i nokuthi alethe ushintsho emtholampi­lo wayo.

Uphinde abe yiPhini likaMengam­eli weConvocat­ion e-University of KwaZulu-Natal. Usebenzisa­na noDkt Aubrey Mokoape emkhankasw­eni wokushints­ha iDurdoc Centre eThekwini.

UDkt Mlita uqede umatric eMandlenko­si High eLindelani, wenza iBsc kwiMedical Science e-University of Zululand, neHonours Degree yeBioChemi­stry ngaphambi kokudlulel­a e-University of KwaZulu-Natal, eNelson R Mandela Medical School.

Usebenze ePrince Mshiyeni esaqeqeshw­a wabuye waba sesibhedle­la eHluhluwe.

Kumanje usezinhlel­weni zokuba nama-ambulensi athe azosebenza kakhulu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? UDKT Qiniso Mlita indawo yakhe iNet Q Medical Centre eThekwini, ehlonzwe njengevele­le ekusokeni abesilisa
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA UDKT Qiniso Mlita indawo yakhe iNet Q Medical Centre eThekwini, ehlonzwe njengevele­le ekusokeni abesilisa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa