Akwaziwa uzobuya nini ekhefini uDD
AKUCACI ukuthi lizobuya nini eRussia iPhini likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, osekunesikhathi eside lingabonakali emphakathini.
Isolezwe lithole ukuthi uMabuza useRussia lapho eyoxilongwa khona wodokotela.
UNgqongqoshe weziNdaba zangaPhandle, uNksz Lindiwe Sisulu, ezindabeni zeRise FM ukuqinisekisile ukuthi uMabuza uyoxilongwa eRussia kodwa wathi ngeke akwazi ukunaba kakhulu ngokuthi uyoxolongelwani.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi iPhini likaMengameli lithathe ikhefu ukuze liyoxilongwa wodokotela eRussia. Ngeke ngikwazi ukudalula imininingwane eminingi ngokuthi kodwa engingakugcizelela wukuthi useRussia,” kusho uNksz Sisulu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabasehhovisi likaMabuza ayiphumelelanga njengoba uMnuz Thami Ngwenya engayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe yiSolezwe ngeemail nange-SMS futhi ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Okthoba uMabuza watshela amalungu ePhalamende ukuthi ngo-2015 waya eRussia eyolashwa emuva kokudliswa ushevu.
Waveza ukuthi wasizwa yindodana yowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma ukuya eRussia.
Amaphephandaba angempelasonto abebike ukuthi uMabuza uyoxilongwa ukuze odokotela babheke ukuthi ubuthi obabusegazini lakhe baphela bonke yini
Abeveze ukuthi kulindeleke ukuthi atheleke kuleli ngoMsombuluko kodwa akucaci ukuthi ugcine efikile yini noma usaseRussia.