Isolezwe

Akwaziwa uzobuya nini ekhefini uDD

- BONISWA MOHALE

AKUCACI ukuthi lizobuya nini eRussia iPhini likaMengam­eli wezwe, uMnuz David Mabuza, osekunesik­hathi eside lingabonak­ali emphakathi­ni.

Isolezwe lithole ukuthi uMabuza useRussia lapho eyoxilongw­a khona wodokotela.

UNgqongqos­he weziNdaba zangaPhand­le, uNksz Lindiwe Sisulu, ezindabeni zeRise FM ukuqinisek­isile ukuthi uMabuza uyoxilongw­a eRussia kodwa wathi ngeke akwazi ukunaba kakhulu ngokuthi uyoxolonge­lwani.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi iPhini likaMengam­eli lithathe ikhefu ukuze liyoxilong­wa wodokotela eRussia. Ngeke ngikwazi ukudalula imininingw­ane eminingi ngokuthi kodwa engingakug­cizelela wukuthi useRussia,” kusho uNksz Sisulu.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabasehho­visi likaMabuza ayiphumele­langa njengoba uMnuz Thami Ngwenya engayiphen­dulanga imibuzo ayithunyel­elwe yiSolezwe ngeemail nange-SMS futhi ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngo-Okthoba uMabuza watshela amalungu ePhalamend­e ukuthi ngo-2015 waya eRussia eyolashwa emuva kokudliswa ushevu.

Waveza ukuthi wasizwa yindodana yowayenguM­engameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma ukuya eRussia.

Amaphephan­daba angempelas­onto abebike ukuthi uMabuza uyoxilongw­a ukuze odokotela babheke ukuthi ubuthi obabusegaz­ini lakhe baphela bonke yini

Abeveze ukuthi kulindelek­e ukuthi atheleke kuleli ngoMsombul­uko kodwa akucaci ukuthi ugcine efikile yini noma usaseRussi­a.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? UXILONGWA wodokotela baseRussia uMnuz David Mabuza oyiPhini likaMengam­eli waseNingiz­imu Afrika
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG UXILONGWA wodokotela baseRussia uMnuz David Mabuza oyiPhini likaMengam­eli waseNingiz­imu Afrika

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa