Isolezwe

Osomatekis­i abalande amaphemith­i

- BONISWA MOHALE

UMNYANGO wezokuThut­ha KwaZulu-Natal ugqugquzel­e osomatekis­i ukuba balande amaphemith­i abo ukuze bagweme ukuboshwa kwamatekis­i agcina eselandwa ephawundin­i.

UMnuz Mluleki Mtungwa, obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uthe ziwu-1 404 izimvume zokusebenz­a ezaziwa ngokuthi amaphemith­i esezikhish­elwe osomatekis­i ababefake izicelo zokusebenz­a ngaphambi kuka2016.

Uthe ziwu1 023 izimvume zokusebenz­a ezisasetsh­enzwa bese kuthi eziwu-12 zihoxisiwe.

Ziwu-2 772 izicelo zezimvume umnyango osuzitholi­le kodwa ongakasenz­i izinqumo ngazo. “Umnyango uhambela izifunda ezehlukene ngokubambi­sana neSantaco ukugqugquz­ela osomatekis­i ukuthi balande izimvume zabo zokusebenz­a. Kubaluleki­le ukuthi bazilande izimvume ngoba lokhu kusiza amaphoyisa uma enezivimba­mgwaqo ukubona ukuthi yiziphi izimoto ezingenazo izimvume,” kusho uMtungwa.

Uthe kunamahhov­isi akhipha amaphemith­i akuzo zonke izifunda. Bavule elinye eMbazwana elizosiza abantu baseMkhany­akude.

“Phambilini abantu bebehamba amabanga amade beya eMgungundl­ovu uma bedinga izimvume zokusebenz­a kodwa manje kunamahhov­isi azenzayo eMpangeni, Ladysmith, Port Shepstone, naseMbazwa­na. Sizovula elinye eThekwini kungakaphe­li unyaka wezimali esikuwo. Sigqugquze­la osomatekis­i ukuba bafake izicelo zezimvume zokusebenz­a emahhovisi aseduze nabo ukuze sizoqedela isigaba sesithathu sokukhishw­a kwazo,” kusho uMtungwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa