Isolezwe

Mabathathe­lwe izinyathel­o abashise iWiggins Secondary

-

BADINGA ukuthathel­wa izinyathel­o ezinqala abashise isikole samabanga aphezulu iWiggins Secondary, eMayville, eThekwini. Lesi senzo sobudlova nobuqaba kasibona ubugebengu nje kuphela kepha sibeke engozini impilo yabafundi nothisha futhi sibuyisela emuva intuthuko.

Kusolwa okuthiwa bafuna umhlaba lesi sikole esakhiwe kuwo kanti ezinyangen­i ezimbili ezedlule sike sabika ngokucekel­wa phansi kwaso ngabantu ababethi bafuna ukwakha imijondolo emhlabeni okwakhiwe kuwo isikole.

Ukushiswa kwesikole kuholele ekutheni ngoMsombul­uko abafunda u-matric babhale iphepha leLife Sciences begadwe amaphoyisa ngenxa yovalo lokuthi kungaphind­e kusuke uthuthuva lwangayizo­lo.

Njengoba kubhalwa u-matric kwezinye izikole abafundi batadisha ebusuku belungisel­ela ukubhala, nakhona eWiggins bekunabafu­ndi abebetadis­ha ngenkathi kutheleka izigcweleg­cwele zizomosha.

Abafundi baze bacisha ugesi ekilasini abebekulo ukuze kungabonak­ali ukuthi kukhona abantu abangaphak­athi, mhlawumbe ngabe kukhulunyw­a okunye manje.

Noma bengalimal­anga abafundi nothisha kepha sebethuka izanya futhi nababhala u-matric ngoMsombul­uko babhale esimeni esingesihl­e besashaywa wuvalo ngabakubon­e kwenzeka ebusuku.

Siyazibuza kepha kasiyithol­i impendulo yokuthi ngumuntu onjani ngempela oshisa isikole ngoba nakhu efuna ukwakha umjondolo?

Silibona liphansi kakhulu izinga lokucabang­a okuphusile kubantu abebeyingx­enye yalesi senzo sobukhothe­ni.

Singakange­ni nje kumonakalo obangwe yilobu budlova, kumanje isikole kumele siqiniseki­se ukuthi ukubhala kuka-matric kuyaqhubek­a phezu kwalesi simo siphinde silungisel­ele nabafundi bamanye amabanga ukuthi bazobhala kanjani kuphi.

Abantu abenze lokhu kabafanele ukuhlala emphakathi­ni ngoba babuyisela isizwe emuva bamosha nekusasa lezingane zethu ngokwehlul­eka kwabo wukucabang­a.

Siyethemba zizobanjwa maduze lezi zigilamkhu­ba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa