Isolezwe

Bengiyovul­a icala ngishayiwe lavele langidelel­a iphoyisa

-

MHLELI: Ngifisa ukwazi ukuthi amaphoya aseFolweni asebenza kanjani.

NgoNovemba 2 ebusuku ngafika esiteshini samaphoyis­a eFolweni ngilimele ekhanda nasemlonye­ni ngopha igazi ngihlangan­yelwe umama nezingane zakhe.

Ngabafica sebefike bona kuqala esiteshini bangivulel­a icala ekubeni kuyimina olimele futhi kuyibona abasukele mina bangihlase­la ngamatshe. Enye yezingane yangizuma ngebhodlel­a emlonyeni ngabizelwa nabantu ukuthi ngibulawe.

Ngihamba nomntwana wasekhaya oneminyaka en-11.

Uma ngibafica-ke esiteshini samaphoyis­a ngizovula icala ngifica amaphoyisa amabili esilisa nelilodwa lesifazane.

Leli lesifazane ilona elalivula amacala ngoba elalaba engangizob­avulela lavulwa kulona bevulela mina, nami ngangizovu­la kulona.

Ngifike ngibingele­le kahle bese ngibeka udaba lwami engize ngalo. Laba bakhona bangilalel­e bavele bangiphiki­se bangidelel­e phakathi egunjini lokuvula amacala .

Ngithi ngiyaphend­ula leli phoyisa lesifazane likhwele lidilike kumina kucace ukuthi lingakubon­a, lingitshel­e nokuthi ingane le engizume ngebhodlel­a incane ngeminyaka ngakho ngeke ivalelwe.Bengifuna usizo langidelel­a iphoyisa. Lithi mina angivalelw­e ngoba laba bavule icala kuqala. Ngaleso sikhathi ngivuza igazi emlonyeni, ekhanda nginembobo ngiyavuza nakhona igazi.

Kucace ukuthi nami sengiyadin­wa ngoba ngibona iphoyisa lidayisa ngami engabe lisikhuza sonke noma likhiphele laba emnyango nami ngikwazi ukusho engize ngakho.

Umntwana lo engihamba naye uma kumele akhulume akubonile laba bayamvimba bayamphiki­sa. Kwathiwa ngibuye kusasa ngangavule­lwa icala nganganikw­a iJ88 ekumele ngiyihambi­se esibhedlel­a.

Laba bantu ababezongi­bopha ibona abangisuke­la bangihlase­la bagijima bayovula icala bengenawo nomyocu wokulimala mina engilimele ngaphathis­wa okukadoti kwabukiswa ngami ngadelelwa esiteshini yiphoyisa nabangani balo.

Ngasizwa elesilisa lawuqeda umsindo lathi angibuye ngakusasa, elesifazan­e lavele laphenduka ummeli wabo. Qhubekani maphoyisa nidayise ngathi eFolweni. Okhathazek­ile EFOLWENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa