Akubuyiswe isithunzi somsakazo wethu
MHLELI: Ngingumuntu ongajwayele ukuphawula kodwa ngiyayilalela imisakazo eminingi ezweni. Ngifika eThekwini eminyakeni eyisithupha ngathola umsakazo wezingxoxo engifunda okukhulu kuwona. Ngiyakholwa akumina ngedwa engithokozela izingxoxo zalo msakazo ngolwimi lwakithi.
Lo msakazo, Izwi lomzansi FM, uyangiphoxa ngoba uhlulwa wukusebenzisa abasakazi bawo ngendlela efanele. Ngiyakholwa ukuthi lo msakazo wezingxoxo unekusasa eliqhakazile KwaZulu-Natal ngoba asikho esinye isiteshi sezingxoxo kulesi sifundazwe.
Unabasakazi abakhaliphile ngendlela exakile kodwa uyahluleka ukubasebenzisa ngendlela efanele. uThandeka Ngongoma ongena ntambama ngo 3-6pm ungumsakazi omuhle kodwa hhayi ohlelweni lwantambama. Esangena ngo-9 ebusuku wayelaleleka ngendlela kodwa ntambama ngo 3-6pm sicela ukubuyiselwa ingxoxo njengoba kwake kwenzeka eminyakeni eyedlule.
Ngiyakholwa futhi ukuthi uhlelo lwango 9-12 emini kukhona okungenzeka kangcono kulona. Mhlawumbe yena uThandeka Ngongoma angenza okungcono kulona. Ekuseni ngo 6-9 uChonco muhle umsebenzi wakhe uyancomeka. Nowasemini ngo 12-3pm kaMakhanya, nango 6-9pm okaMahlase noMtungwa.
Kunabasakazi engingaqondi ukuthi kungani bengasetshenziswa ngendlela ngoba bakhaliphile futhi uyezwa uma bebambile ukuthi bayayazi le nto yengxoxo. Ngingabala nje abambalwa: Somnyama Khumalo, Stressless Mhlongo, Pat Zondi.
EyangoMqgibelo ntambama emuva kuka-6 angifuni ngisho ukuyikhuluma ngoba kudlalwa ngathi ngempela.
Bengisika nje elijikayo ngethemba lokuthi sizobuyiswa isithunzi somsakazo wezingxoxo ngoba uyithemba lethu njengoba sibheke okhethweni ngonyaka ozayo. Brain Maphumulo EWESTVILLE