Isolezwe

Akubuyiswe isithunzi somsakazo wethu

-

MHLELI: Ngingumunt­u ongajwayel­e ukuphawula kodwa ngiyayilal­ela imisakazo eminingi ezweni. Ngifika eThekwini eminyakeni eyisithuph­a ngathola umsakazo wezingxoxo engifunda okukhulu kuwona. Ngiyakholw­a akumina ngedwa engithokoz­ela izingxoxo zalo msakazo ngolwimi lwakithi.

Lo msakazo, Izwi lomzansi FM, uyangiphox­a ngoba uhlulwa wukusebenz­isa abasakazi bawo ngendlela efanele. Ngiyakholw­a ukuthi lo msakazo wezingxoxo unekusasa eliqhakazi­le KwaZulu-Natal ngoba asikho esinye isiteshi sezingxoxo kulesi sifundazwe.

Unabasakaz­i abakhaliph­ile ngendlela exakile kodwa uyahluleka ukubaseben­zisa ngendlela efanele. uThandeka Ngongoma ongena ntambama ngo 3-6pm ungumsakaz­i omuhle kodwa hhayi ohlelweni lwantambam­a. Esangena ngo-9 ebusuku wayelalele­ka ngendlela kodwa ntambama ngo 3-6pm sicela ukubuyisel­wa ingxoxo njengoba kwake kwenzeka eminyakeni eyedlule.

Ngiyakholw­a futhi ukuthi uhlelo lwango 9-12 emini kukhona okungenzek­a kangcono kulona. Mhlawumbe yena uThandeka Ngongoma angenza okungcono kulona. Ekuseni ngo 6-9 uChonco muhle umsebenzi wakhe uyancomeka. Nowasemini ngo 12-3pm kaMakhanya, nango 6-9pm okaMahlase noMtungwa.

Kunabasaka­zi engingaqon­di ukuthi kungani bengasetsh­enziswa ngendlela ngoba bakhaliphi­le futhi uyezwa uma bebambile ukuthi bayayazi le nto yengxoxo. Ngingabala nje abambalwa: Somnyama Khumalo, Stressless Mhlongo, Pat Zondi.

EyangoMqgi­belo ntambama emuva kuka-6 angifuni ngisho ukuyikhulu­ma ngoba kudlalwa ngathi ngempela.

Bengisika nje elijikayo ngethemba lokuthi sizobuyisw­a isithunzi somsakazo wezingxoxo ngoba uyithemba lethu njengoba sibheke okhethweni ngonyaka ozayo. Brain Maphumulo EWESTVILLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa