Isolezwe

Ngicela usizo enkingeni yempesheni

-

MHLELI: Ngineminya­ka ewu60, ngidinga usizo. Kwaqala ngisaholel­a umama ongizalayo nabazakulu bami ukuthi kubanjwe uR99 we-airtime.

Kwathi uma ngiya emahhovisi akwaSassa bathi ngeke bakwazi ukungisiza. Waze wadlula umama emhlabeni nginale nkinga.

Ngaqhubeka ngaholela abazukulu nabo baqhubeka nokungibam­bela uR99 we-airtime uma ngiyohola.

Kule nyanga bangigilil­e futhi sebengihol­ela ngekhadi laseFNB. Ucingo lwami belubika uma kungena imali kodwa kule nyanga akwenzekan­ga lokho. Kuthe uma ngithumela umfana wami ukuba ayongibhek­ela ukuthi ikhona yini imali ebhange wathola ukuthi ayikho.

Uma ngiya kwaSassa kwathiwa angiveli mina kodwa kuvela omunye umuntu futhi lowo muntu uyiholile imali ebhange elikuField Street eThekwini. Bathi imali yami yempesheni ithathwe yonke kanye neyabazuku­lu. Isiyonke imali ethathiwe iwuR2 900.

Ngicela usizo kule nkinga engibheken­e nayo. Gezephi Fisani Nxumalo EMTUBATUBA MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngicela usizo lanoma ubani ongakwazi. Akukho zinyane lemvubu ladliwa izingwenya kwacweba isiziba. Ngo-Ephreli 2016 kwabanjwa inkunzi ngaseMakhu­mbuza High kwabulawa uSihle Lukhele, wasoPhongo­lo noZethu Shozi waseMlaza ababeya emsebenzin­i.

Manje inkinga yami wukuthi ngifisa ozongisiza angenelele kulolu daba ukuze ababulali babhekane nesono sabo. Umphenyi wecala ubengasalu­bambi ucingo lwami ngaze ngagcina sengithole inombolo yokhulumel­a amaphoyisa, ubaba uThulani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa