Ngicela usizo enkingeni yempesheni
MHLELI: Ngineminyaka ewu60, ngidinga usizo. Kwaqala ngisaholela umama ongizalayo nabazakulu bami ukuthi kubanjwe uR99 we-airtime.
Kwathi uma ngiya emahhovisi akwaSassa bathi ngeke bakwazi ukungisiza. Waze wadlula umama emhlabeni nginale nkinga.
Ngaqhubeka ngaholela abazukulu nabo baqhubeka nokungibambela uR99 we-airtime uma ngiyohola.
Kule nyanga bangigilile futhi sebengiholela ngekhadi laseFNB. Ucingo lwami belubika uma kungena imali kodwa kule nyanga akwenzekanga lokho. Kuthe uma ngithumela umfana wami ukuba ayongibhekela ukuthi ikhona yini imali ebhange wathola ukuthi ayikho.
Uma ngiya kwaSassa kwathiwa angiveli mina kodwa kuvela omunye umuntu futhi lowo muntu uyiholile imali ebhange elikuField Street eThekwini. Bathi imali yami yempesheni ithathwe yonke kanye neyabazukulu. Isiyonke imali ethathiwe iwuR2 900.
Ngicela usizo kule nkinga engibhekene nayo. Gezephi Fisani Nxumalo EMTUBATUBA MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngicela usizo lanoma ubani ongakwazi. Akukho zinyane lemvubu ladliwa izingwenya kwacweba isiziba. Ngo-Ephreli 2016 kwabanjwa inkunzi ngaseMakhumbuza High kwabulawa uSihle Lukhele, wasoPhongolo noZethu Shozi waseMlaza ababeya emsebenzini.
Manje inkinga yami wukuthi ngifisa ozongisiza angenelele kulolu daba ukuze ababulali babhekane nesono sabo. Umphenyi wecala ubengasalubambi ucingo lwami ngaze ngagcina sengithole inombolo yokhulumela amaphoyisa, ubaba uThulani