Isolezwe

Ubuyela ukuzohluph­a kwiRhythm City

- NOKUBONGWA PHENYANE

IKHUZA ibuya ekulingise­ni intokazi ebisinyama­lele isikhathi eside ngemuva kokuzakhel­a udumo emidlalwen­i ehlukeni kwi-e.tv.

UNolo Phiri obesehlale iminyaka emibili engabonaka­li kwithelevi­shini ubuya kule nyanga njengoba esephinde wajoyina iRhythm City.

Ngo-2012 le ntokazi yajoyina lo mdlalo ilingisa indawo kaNiki owayeyisic­hwensi.

Wawushiya umdlalo ngemuva kweminyaka eyisithuph­a njengoba wayesefuna ukuyokwenz­a ezinye izinto empilweni yakhe.

UMatodzi Mashau wakwa-e.tv uthe le ntokazi ibuya kulo mdlalo ukuzoqhube­ka nokudala izinkinga nokuhlukum­eza abantu njengoba yayenza ekuqaleni.

“Abantu ezobahluph­a iqala nje uSuffocate noPuleng. Kulezi zinsuku ubudlelwan­e babo buqinile futhi konke kuhamba kahle kubona. Ukufika kwale ntokazi kuzokuqeda konke lokho, kancane kancane njengoba ziningi izinto ezozenza ukuxova impilo yalaba bobabili,” kuchaza uMatodzi.

Uthe ababukeli balo mdlalo abalindele lukhulu oluzobashi­ya bemangele oluzokwenz­iwa yile ntokazi njengoba ngaso sonke isikhathi ihlale icabanga ukwenza okubi kodwa.

“Ngesikhath­i eshiya kulo mdlalo wahamba ngemuva kokubulala uThemba, umfowabo kaSuffocat­e omncane nowashiya indodakazi yakhe uBusi okuyimanje unakekelwa uPuleng. Ubelokhu efunwa ngalelo cala kodwa ebaleka. Ngesikhath­i ehamba walikhulum­a iqiniso kuPuleng ngokubhala incwadi emtshela ukuthi nguyena obulale uThemba futhi kungani embulele. Ubuya nje yingoba usezwe ukuthi indodakazi yakhe uBusi idukile,” kuchaza uMatodzi.

 ??  ?? USHAYA ibuya ekulingise­ni ngemuva kokuhamba iminyaka emibili uNolo Phiri njengoba kule nyanga ezoqala ukubonakal­a emdlalweni iRhythm City elingisa indawo yakhe ashiya eyidlala kaNiki
USHAYA ibuya ekulingise­ni ngemuva kokuhamba iminyaka emibili uNolo Phiri njengoba kule nyanga ezoqala ukubonakal­a emdlalweni iRhythm City elingisa indawo yakhe ashiya eyidlala kaNiki

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa