Isolezwe

Ubonga ababukeli ngamavoti owama-Idols

- NOKUBONGWA PHENYANE

UBONGA abantu bakuleli ngokufeza iphupho lakhe leminyaka uGavin Wratten oyinjini ohlelweni ama-Idols SA.

Ngeledlule kuvele ukuthi abantu bakuleli abangabala­ndeli bakaThando, Thato noYanga bavote kwaze kwafinyele­la ku-1.1 million.

UGavin uthe ezinhlelwe­ni zakuleli lolu hlelo ngolokuqal­a ukuthi lufinyelel­e kulesi sibalo futhi ngalokho abekho okumele bababonge kodwa ababukeli balo.

“Ngesikhath­i luqala mina noProverb esibambise­ne naye kwesokuba ophrojusa balolu hlelo sakuveza ukuthi sinephupho lokuthi amavoti afinyelele esigidini. Kodwa sathi lokhu sifuna kwenzeke ohlelweni lokugcina hhayi kusaqhubek­a uhlelo. Simangele lokhu kwenzeka kusaqhubek­a uhlelo njengoba besithi kuzokwenze­ka kuleli sonto sekuvotwa okokugcina,” kuchaza uGavin.

Uthe kuwona wonke amazwe analolu hlelo elakuleli elesibili ukufinyele­la kulesi sibalo samavoti.

“I-USA ike yafinyelel­a kulesi sibalo samavoti ngakho-ke silandela yona. Simatasa manje silungisel­ela isizini entsha ka-15 kodwa sisasezing­xoxweni noMzansi Magic,” kuchaza uGavin.

Kuleli sonto kuphume uThando kulolu hlelo kwasala uThato no-Yanga abazothola­na phezulu esiqeshini sokugcina.

Akulula ukuqagela ukuthi ubani ongase abe namavoti amaningi phakathi kwabo njengoba benenqwaba yabalandel­i.

Ohlelweni lokugcina oluzobe lusakazwa bukhona eCarnival City ngeSonto kuzonandis­a u-AKA, Kwesta, Black Coffee, DJ Tira noMlindo the Vocalist.

UGavin uthe kuningi okunye abakufihli­le okuzokwenz­eka kulolu hlelo okuzojabul­isa abaningi.

“Ngacula umculo wokholo iminyaka engu10 ngabe sengingena kwiReggae. Nganginama­dreads ngisho ekhanda ngoba ngithi ngifuna ukuhluka futhi umculo wami ukwazi ukuthandwa yiwo wonke umuntu,”

 ??  ?? UMCULI waseMthwal­ume uPrince M ukhiphe ingoma ethi Ngizongena nge-gate anethemba lokuthi abantu bazoyijabu­lela
UMCULI waseMthwal­ume uPrince M ukhiphe ingoma ethi Ngizongena nge-gate anethemba lokuthi abantu bazoyijabu­lela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa