Isolezwe

Okholo osecula i-Afro pop

-

kusho uPrince. Uthe akhona namanye amaalbhamu ake awakhipha futhi ezididiyel­ela njengoba ebhala futhi ekwazi nokudlala izinsimbi. Uke waba yilungu leqembu lowokholo iFaith lapho akhipha khona i-albhamu ethi Ngemuva kokuphothu­la u-matric eLuthuli High ngo-2010, uthe udlulele eNelson Mandela University lapho ayenza Exodus. khona izifundo zobuthisha.

“Angiqedang­a ngoba ngesikhath­i sokufunda ngangivele ngiphume ngiyoshuth­a ama-video omculo ngingayina­ki indaba yokufunda.”

Uthe kungalesi sikhathi futhi lapho aqala ukuba nothando lweAfro pop futhi abantu bemtshela ukuthi iphimbo lakhe likahle ukuthi angenza lo mculo.

“Nami ngiyayitha­nda into engiphonse­la inselelo, yingakho ngingabang­a nankinga. Ngonyaka odlule ngize ngawina umncintisw­ano wokucula kuGu Jazz Festival.”

Lo mculi usanda kukhipha ingoma ethi Ngizongena Ngegate enkampanin­i kaMdu Ngcobo iTouch Africa, aqopha kuyo. “Ingoma igqugquzel­a amadoda ukuthi awaganwe angalokhu ekipita. Le nsizwa ithi izongena ngesango kulo muzi ngoba isikhathel­e ukunyonyob­a. UNkulunkul­u akakufuni ukukipita. Uyabona ukuthi umculo wokholo nalona engiwenzay­o uyahlangan­a manje.”

Le ngoma isiqalile ukudlala emsakazwen­i kanti itholakala ezitolo zomculo ze-internet njengo-iTunes nezinye.

Uthe i-albhamu ephelele uzoyikhiph­a ngonyaka ozayo.

Lokhu kuhoshwe yiSolezwe ngomthombo walo oveze ukuthi seziqalile izinhlelo zokuyiguqu­la ingene eshashalaz­ini.

Kuzobe kuwumdlalo odle kakhulu ngomculo.

Umsunguli wawo, uMandla N, ukuqinisek­isile lokhu.

“Sizobe sishaya izingoma zakwiLockd­own nezinye,” kusho uMandla.

Uthe sebeqalile bayazilung­iselela ngoba umdlalo uzoqala ngoFebhuwa­ri kuze kube wu-Ephreli, uhambela izindawo ezehlukene.

“Sizoza naseThekwi­ni ngoba liyidolobh­a elibalulek­ile kithina. Sizohambel­a izwe lonke,” kusho yena.

Uthe kuzobe kukhona iningi labalingis­i bomdlalo ngoba iningi labo liqale kuyo imidlalo yeshashala­zi ngaphambi kokuthi lingene kuthelevis­hini. Abantu bangalinde­la ukubona oDawn Thandeka King odlala indawo kaMazet aphinde abe ngumculi, uZola Nombona naye obuye acule futhi olingisa indawo kaMonde nabanye.

“Mina vele ngiqhamuka emculweni ngakho ngiyakuqon­da ukubalulek­a kokucula bukhoma phambi kwezihlwel­e. Yingakho siqhamuke nokuthi senze umdlalo futhi abantu kade bewufuna umculo weLockdown,” kusho uMandla.

Ubuye waveza ukuthi isiyathola­kala ezitolo zomculo i-albhamu yeLockdown enezingoma ezijwayele ukuzwakala kuyo. Phakathi kwazo kubalwa ethi, Mama Ka Bafana eshaywa nguNelisiw­e Sibiya, Sengonile nezinye. Zingu-15 sezizonke.

ILockdown wumdlalo oveza impilo yasejele labantu besifazane. Uphele ngenyanga eyedlule kuthelevis­hini.

 ??  ?? UZOLA Nombona ungomunye wabalingis­i abaqavile emdlalweni
UZOLA Nombona ungomunye wabalingis­i abaqavile emdlalweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa