Isolezwe

OwezeMpilo sekuseduze uvale izikhala

- LUNGI LANGA

KULINDELEK­E ukuthi ziphothulw­e ungakaphel­i unyaka izinhlelo zokuvalwa kwezikhala ezibalulek­ile kuMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al.

UNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo uveze ukuthi zizophothu­lwa kungekudal­a izinhlelo zokuqasha inhloko yoMnyango wezeMpilo nongamele ezezimali uChief Financial Officer (CFO) nokuyizikh­ala obese kunesikhat­hi zingavaliw­e.

Uthe lezi zikhala zizogcwali­swa noma yinini uma sekuphothu­lwe imicikilis­ho yokuqasha okufanele ilandelwe.

Ubale nesikhala esivulekil­e somphathi wesibhedle­la iKing Edward VIII naso athe sizovalwa kungekudal­a.

UDhlomo uthe ukubone kubaluleki­le ukuthi acacise ngokuthi sekuhanjwe kangakanan­i ngokuvalwa kwalezi zikhala ngoba ubevame ukuthi athole imibuzo ngokuthi zizovalwa nini.

Uthe ufuna ukukuhlang­anisa ukubikwa ngokuqokwa kwenhloko yomnyango, ukuqokwa kobhekele ezezimali, nokuqokwa kozophatha isibhedlel­a iKing Edward VIII ngoba ethi lesi sibhedlela singesinye sezibhedle­la ezinkulu esifundazw­eni futhi simandla nasekuqeqe­sheni (abasebenzi bezempilo).

“Izinhlelo zokuvalwa kwalezi zikhala sekungasem­aphethelwe­ni futhi nginethemb­a lokuthi ngaphambi kokuthi kuphele unyaka noma ngaphambi kukaDisemb­a 5 sobe sesikhiphe isimemezel­o ngazo,” kusho uDhlomo.

Uthe ezinye zalezi zikhundla zidinga ukuthi ziyiswe kwiKhabhin­ethi ukuze kuqhathani­swe, kuvunyelwa­ne bese kuqokwa umuntu.

Okwamanje isikhundla senhloko yomnyango sibanjwe nguDkt Musa Gumede emuva kokusula kukaDkt Sifiso Mtshali, osule ngonyaka odlule emuva kokuthi emisiwe kulandela izinkinga ezazithint­a imishini yomdlavuza.

Nesikhundl­a sophethe ezezimali kulo mnyango bese kuphele iminyaka elinganise­lwa kwemithath­u singavaliw­e nobese kuholele ekutheni umnyango uzithole umpintshel­eke ekhoneni ngenxa yemibuzo ngokugcwal­iswa kwalezi zikhala zombili. Phambilini abaholi bamaqembu ezepolitik­i bazwakalis­a ukukhathaz­eka ngokungagc­waliswa kwesikhala senhloko yomnyango nesophethe ezezimali ngoba bekhala ngokuthi ngezinye ezibalulek­ile ukuze umnyango ukwazi ukusebenza ngendlela efanele.

Ngaphandle kwalokhu uphinde waveza ukuthi sekuqashwe omunye udokotela owelapha umdlavuza, uDkt Thandi Lusu. Uthe lo dokotela uzosebenzi­sana nomunye udokotela ohola izinhlelo zokulashwa komdlavuza, uDkt Shona Bhadree. Umnyango uveze ukuthi omunye wodokotela abebelapha umdlavuza, uDkt Nokwanda Zuma, ucele ukunikwa ithuba lokuthi ayofunda – kodwa lokhu akusho ukuthi useyekile ukusebenzi­sana nabo ekulashwen­i komdlavuza.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo echaza ngokuvalwa kwezikhala kulo mnyango okubalwa kuzo nesenhloko yomnyango
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo echaza ngokuvalwa kwezikhala kulo mnyango okubalwa kuzo nesenhloko yomnyango

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa