Isolezwe

Kubaluleki­le ukwazi izimpawu zesifo sikashukel­a: ucwaningo

- INTATHELI YESOLEZWE

UCWANINGO lwakamuva lukhombisa ukuthi abazali baseNingiz­imu Afrika bangahlule­ka ukubona izimpawu zesifo sikashulek­a ezinganeni zabo ngoba abazazi.

Lokhu kuvezwe wucwaningo olwenziwe yi-Internatio­nal Diabetes Federation (IDF) ebibheka ukuthi abantu bayazazi yini izimpawu zesifo sikashukel­a.

Bathe yize u-70% wabantu abakhulume nabo benamalung­u omndeni ahaqwe yilesi sifo, u-74% wabo ungahlulek­a ukubona izimpawu zaso kanti u-40% ngeke ukwazi ukubona izimpawu kwakhona.

Njengoba namuhla kugujwa usuku lokuqwashi­sa ngesifo sikashukel­a, le nhlangano ithe kufanele abantu bazazi izimpawu zalesi sifo.

Omunye wabazali, uNkk Julieta Laundani, uthe kwaba nzima ukuthi asheshe abone ukuthi ingane yakhe inesifo sashukela. Uthe uqale ukubona ukuthi ingane yakhe inesifo sikashukel­a ngesikhath­i inonyaka nezinyanga eziyisithu­pha.

Uthe ingane yakhe yayishints­hwa kaningi inabukeni ngoba ichama njalo. UNkk Laundani uthe njengabo bonke abazali wayengazit­sheli ukuthi ingane yakhe inganesifo sikashukel­a.

“Sasingazit­sheli ukuthi isifo sikashukel­a siyaziphat­ha nezingane ezincane. Sasazi ukuthi abantu abadala bayaba naso,” kusho uNkk Laundani.

Uthe okukhathaz­ayo ukuthi akukho ulwazi olwenele ngesifo sikashukel­a ezinganeni – akufani nabantu abadala.

Abe-IDF bathe ukungabibi­kho kolwazi olwanele ngesifo sikashukel­a kubantu kwenza ukuthi bangashesh­e bakwazi ukubona izimpawu, ikakhulu ezinganeni ezincane.

Bathe le nkinga ikhona emhlabeni wonke – nakwezinye izindawo emhlabeni bathole ukuthi abazali bayahlulek­a ukubona izimpawu zesifo sashukela.

Umengameli we-IDF, uSolwazi Nam Cho uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bakwazi ukubona izimpawu zesifo sikashukel­a ngoba singaholel­a ezinkingen­i eziningi.

Uma abantu bangashesh­e bathole usizo bagcina sebenezink­inga okubalwa kuzo ukungaboni emehlweni, ukunqunywa kwezitho zomzimba okubalwa kuzo izinyawo nezandla, izinkinga zezinso nokunye – abanye bagcina beshonile.

Ezinye zezimpawu zesifo sashukela ukomiwa kakhulu, ukuphiswa umchamo njalo, ukungabi namdlandla, ukungaphol­i ngokushesh­a kwezilonda, ukungabi namizwa ezinyaweni nasezandle­ni nokunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa