Kubalulekile ukwazi izimpawu zesifo sikashukela: ucwaningo
UCWANINGO lwakamuva lukhombisa ukuthi abazali baseNingizimu Afrika bangahluleka ukubona izimpawu zesifo sikashuleka ezinganeni zabo ngoba abazazi.
Lokhu kuvezwe wucwaningo olwenziwe yi-International Diabetes Federation (IDF) ebibheka ukuthi abantu bayazazi yini izimpawu zesifo sikashukela.
Bathe yize u-70% wabantu abakhulume nabo benamalungu omndeni ahaqwe yilesi sifo, u-74% wabo ungahluleka ukubona izimpawu zaso kanti u-40% ngeke ukwazi ukubona izimpawu kwakhona.
Njengoba namuhla kugujwa usuku lokuqwashisa ngesifo sikashukela, le nhlangano ithe kufanele abantu bazazi izimpawu zalesi sifo.
Omunye wabazali, uNkk Julieta Laundani, uthe kwaba nzima ukuthi asheshe abone ukuthi ingane yakhe inesifo sashukela. Uthe uqale ukubona ukuthi ingane yakhe inesifo sikashukela ngesikhathi inonyaka nezinyanga eziyisithupha.
Uthe ingane yakhe yayishintshwa kaningi inabukeni ngoba ichama njalo. UNkk Laundani uthe njengabo bonke abazali wayengazitsheli ukuthi ingane yakhe inganesifo sikashukela.
“Sasingazitsheli ukuthi isifo sikashukela siyaziphatha nezingane ezincane. Sasazi ukuthi abantu abadala bayaba naso,” kusho uNkk Laundani.
Uthe okukhathazayo ukuthi akukho ulwazi olwenele ngesifo sikashukela ezinganeni – akufani nabantu abadala.
Abe-IDF bathe ukungabibikho kolwazi olwanele ngesifo sikashukela kubantu kwenza ukuthi bangasheshe bakwazi ukubona izimpawu, ikakhulu ezinganeni ezincane.
Bathe le nkinga ikhona emhlabeni wonke – nakwezinye izindawo emhlabeni bathole ukuthi abazali bayahluleka ukubona izimpawu zesifo sashukela.
Umengameli we-IDF, uSolwazi Nam Cho uthe kubalulekile ukuthi abantu bakwazi ukubona izimpawu zesifo sikashukela ngoba singaholela ezinkingeni eziningi.
Uma abantu bangasheshe bathole usizo bagcina sebenezinkinga okubalwa kuzo ukungaboni emehlweni, ukunqunywa kwezitho zomzimba okubalwa kuzo izinyawo nezandla, izinkinga zezinso nokunye – abanye bagcina beshonile.
Ezinye zezimpawu zesifo sashukela ukomiwa kakhulu, ukuphiswa umchamo njalo, ukungabi namdlandla, ukungapholi ngokushesha kwezilonda, ukungabi namizwa ezinyaweni nasezandleni nokunye.