UMasinga uhamba neBafana koweNigeria
U-PHILEMON “Chippa” Masinga obegijimela iBafana Bafana eminyakeni edlule, ubona ezikaStuart Baxter zizodlala ibhola elinenkosi phakathi uma sezibhekene neNigeria kule mpelasonto emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.
IBafana izodlala neSuper Eagles ngoMgqibelo, eFNB Stadium, ngo-3 ntambama, emdlalweni ka-Group E.
UMasinga, owazifaka ezinhliziyweni zabalandeli bebhola eNingizimu Afrika eshaya igoli elafaka iBafana kwiNdebe yoMhlaba eyayiseFrance ngo-1998, uthe ukuboza kwabadlali beBafana ngesikhathi bedlala ngokulingana neSychelles akufanele kunakwe ngoba balithatha kancane leli lizwe elingenawo umlando otheni ebholeni lomhlaba.
IBafana yaphoxa isizwe, yaziphendula inhlekisa ezimbangini zayo idlala ngokulingana neSychelles emdlalweni owaphela ngo 0-0. Okwaxaka abaningi ukuthi emdlalweni owandulela lowo, ezikaBaxter zashaya izwe elifanayo ngo 6-0.
“Bazovuka bazithathe abafana angikungabazi lokho. Ngikusho lokhu ngoba sekuwumkhuba esengiwunakile eminyakeni edlule ukuthi uma sidlala namazwe ahlonishwayo sinokwenza kahle. Uma ubuka umdlalo esawudlala neBurkina Faso, neSenegal (wokuhlungela iNdebe yoMhlaba) sadlala kahle kakhulu. Empeleni nayo iNigeria sisanda kuyishaya, ngakho ngibona abafana bezodlala kahle,” kusho uMasinga.
Ngokusho kwale nkakha, kubaluleke kakhulu ukuthi iBafana iwunqobe umdlalo wayo neNigeria.
“Kufanele sithole amaphuzu amathathu kulo mdlalo. Akufanele siye ukuyodlala neLibya sisendaweni yesibili eqoqweni lethu, kufanele siqhwakele. Asazi ukuthi singalindelani kwiLibya, njengoba yenza ilapha eNingizimu Afrika isibamba ngo 0-0. Akufanele neze abadlali bazifakele ingcindezi engenaso isidingo,” kulandisa uMasinga oveze ukuthi okwenza iBafana idlale ngokulingana neSychelles ukuthi bayeya, bayithatha kancane.
Ukudlala ngokulingana neSychelles kufakele enkulu ingcindezi uBaxter,
Lnjengoba sekukhona ingxenye ethile yabalandeli ebona sekuyisikhathi sokuthi akhululwe lo mqeqeshi wase-United Kingdom ngoba ufaka izwe ehlazweni.
Lokhu kulandela igqubu elisabanjwe abalandeli lokuthi uBaxter wehluleke wancama ukuhlungela ngempumelelo iNdebe yoMhlaba ebibanjelwe eRussia nonyaka. “Umqeqeshi unengcindezi enkulu lokhu akuphikwa. Kodwa akuyena kuphela, nabadlali baneyabo ingcindezi kufanele bazibonakalise. Kubalulekile ukuthi siye eCameroon, ngoba lokho kuzoba ngamalungiselelo amahle iNdebe yoMhlaba ngo-2022,” kuphetha uMasinga.