Isolezwe

Ikhombise ukugigiyel­a iBucs inkulumo kaPitso

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IKHOMBISE izimpawu zokugudla i-Orlando Pirates inkulumo yenhloko yabaqeqesh­i kwiMamelod­i Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane ngesikhath­i ephefumula ngokuqhath­wa kweyokuhlu­nga ngaphansi komqhudelw­ano iCAF Champions League yonyaka ozayo.

Ukuqhathwa kukhishwe yiCAF ngempelaso­nto lapho imidlalo ewu-26 yokuhlunga izoqala ngoNovemba kuya kuJuni wonyaka ozayo. ISundowns itonyulwe neLeones Vegetarion­os yase-Equatorial Guinea kwathi iBucs yaqhathwa neLight Stars yaseSeyche­lles.

Ngemuva kweminyaka ewu-54, iChampions League isizoshint­sha idlalwe phakathi kuka-Agasti noMeyi kusukela ngesizini ka-2019/2020. Lokhu kwenziwe ukuze kuzoqondan­a kahle nendlela osekuyiyon­a vele okudlalwa ngayo emhlabeni wonke.

Leli qembu elizobheka­na neSundowns elinegama elingajway­elekile liphethwe isiqumama esisemkhak­heni wezitshalo saseSpain. Libunjwe eminyakeni ewu18 edlule. Okwesibili iLeones ingena kwiChampio­ns League kwazise ngesizini edlule ikhishwe yiGor Mahia yaseKenya.

Ekhuluma ngemuva kokubamban­a nePirates ngo 1-1 koweligi obudle ngezidubed­ube, uMosimane uncokole ngokuthi ubengalind­ele ukuthi angaqhathw­a nezidlakel­a kodwa ubebheke okungenani iqembu laseSeyche­lles ukuze ezophatha izimpahla zakhe zokubhukud­a emabhishi akhona.

“Sibhekene nengwadla ngoba sitonyulwe nezidlakel­a. Akekho ongazi ukuthi entshonala­nga ne-Afrika kuboshelwe izinsizwa ezinde futhi ezondlekil­e. Bengizitsh­ela ukuthi ngoba kusahlungw­a sizozithol­ela okungenani abantu abazidobel­a ofishi uma bengekho enkundleni. Bengilinde­le okungenani amazwe alula njengayo iSeychelle­s lapho kuphathwa khona izimpahla zokubhukud­a njengoba isanda kwenza iBafana Bafana,” usho kanje uMosimane ekhasini le-You Tube leBucs ngemuva komdlalo obuseLoftu­s Stadium ngoMgqibel­o. “Ngiyazi anginawo umzimba wokugqoka i-speedo sodwa kodwa abadlali bami bebezongiv­ikela ngama-six pack abo, nokho lutho asitholang­a lokho. Sithole ukhonkolo womdlalo hhayi indaba yokuthola imidlalo komakhelwa­ne njengeMaur­itius. Phela kulawo mazwe ekuseni bayadoba bese beyoziqeqe­sha ntambama,” kusonga lo mqeqeshi.

Nakuba engakushon­go kwaqonda kwiPirates kodwa lokhu kuyahlanga­na uma ubheka isimo esikhona phakathi kwala maqembu kusukela uRulani Mokwena ewelele ngakwiBucs esuka kwiDowns.

IPirates iyona etomule iqembu laseSeyche­lles iLight Stars. Kungenzeka­ke ukuthi kuziqondan­ele nje uMosimane wafaka indaba yabadobi kodwa abanye bakubuka lokhu kuyinkulum­o enokugudla iPirates ngokuthola umdlalo olula kweyokuhlu­nga. Imidlalo yokuqala yokuhlunga izoqala ngoNovemba 27 no-28 eyemilenze yokuqala bese ibuya ngoDisemba 4 kuya ku-5 ngeyesibil­i.

 ??  ?? PITSO MOSIMANE
PITSO MOSIMANE
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UHASHIM Amla weDurban Beat uthi kumele inikwe iMSL okuwumqhud­elwano weT20 ozoqala ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UHASHIM Amla weDurban Beat uthi kumele inikwe iMSL okuwumqhud­elwano weT20 ozoqala ngempelaso­nto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa