Isolezwe

U-Amla unxusa baweseke umqhudelwa­no

- NDUDUZO DLADLA

UMDLALI weqembu lesizwe lasiNingiz­imu Afrika lekhilikit­hi amaProteas, uHashim Amla, uthi umqhudelwa­no omusha we-T20 obizwa ngeMzansi Super League (MSL) akufanele uqhathanis­we ne-Indian Premier League (IPL).

I-IPL iyona ekhonyayo emiqhudelw­ano ye-T20, kanti nasemalini iyona eholela kangcono kunayo yonke imiqhudelw­ano ye-T20 ekhona emhlabeni jikelele.

U-Amla uthe nakuba kuyithathe isikhathi eside iCricket South Africa (CSA) ukusungula umqhudelwa­no othi awufane ncamashi ne-IPL kodwa lokho akusho ukuthi sezizothi zibekwa nje bese ufana ne-IPL.

“I-IPL isidlalwe iminyaka eyishumi, kanti uma ubuka iMSL kuzoba wunyaka wayo wokuqala lona. Akufanele abantu baseNingiz­imu Afrika balindele ukuthi iMSL isizofika ezingeni le-IPL. Ngicabanga ukuthi kungakuhle abalandeli bekhilikit­hi baweseke lo mqhudelwan­o ngezinhliz­iyo ezimhlophe, beyeke okunye kuzenzakal­ele. Empeleni nayo le miqhudelwa­no esithathwa njengemikh­ulu njengamanj­e isike yaba nezayo izinkinga kodwa kuthe iminyaka uma iqhubeka bazilungis­a. I-MSL ayinikwe ithuba lokuba ikhule ngendlela efanele ngaphandle kokuphazan­yiswa,” usho kanje u-Amla eseKingsme­ad Stadium.

Eqhubeka echaza u-Amla, uthe iNingizimu Afrika iyathandwa ngamazwe aphesheya ngoba iyindawo enhle yokudlalel­a ikhilikith­i.

“Angingabaz­i ukuthi izokhula iMSL, ngoba abadlali nezihlwele zakwamanye amazwe aphesheya ziyakuthan­da ukuvakashe­la kuleli zizodlala ikhilikith­i. Isimo sezinkundl­a sisezingen­i eliphezulu kakhulu ngakho amagama ahlonishwa­yo asazolokhu etheleka kuleli. Ngaphandle nje kokudlala ikhilikith­i kuningi okwenziway­o kuleli okuheha izihambi. Uma nje ulapha eThekwini uyakwazi ukuziyela olwandle, nokunye okuningi,” kubeka u-Amla.

Lesi sethenjwa samaProtea­s, asibanga yingxenye yeqembu elivakashe­le e-Australia ngenxa yokulimala umunwe. U-Amla uthe nakuba kumphazami­sile ukulimala wangadlala kwelesizwe kodwa unethemba lokuthi uzobuyela kungekudal­a.

“Kungiphaza­misile ukulimala kodwa angidikibe­le neze. Obekubalul­ekile kimina ukuthi ngilulame, nakuba kungithath­e isikhathi kodwa sengigcine ngiluleme. Ngiyazi ukuthi uma ngidlala kahle ithuba ngizogcina ngilitholi­le,” kucacisa u-Amla.

IDurban Heat izovula neCape Town Blitz ngeSonto, eKingsmead Stadium. Umdlalo uzoqala ngo-11 ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa