Isolezwe

UVukusic uziba ekaJabu neqembu lesizwe

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI wePolokwan­e City, uJozef Vukusic, akafuni ukuyingena eyokungaqo­kwa kukakapute­ni wezakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

UJabu Maluleke, okhethwe waba ngumdlali oshaye into ecokeme kwi-Absa Premiershi­p ngoOkthoba, uphinde wasala ngaphandle kwelesizwe elizodlala neNigeria kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations ngoMgqibel­o eFNB Stadium ngo-3 ntambama.

UMaluleke oyibamba esiswini akakaze adlale kwiBafana phezu kokuhlale edlala ibhola elisezinge­ni eliphezulu kusukela ekwiBlack Leopards nakwiSuper­Sport United.

“Angithandi ukukhuluma ngalezo zinto. Ngiyaqonda ukuthi zisebenza kanjani. IPolokwane ibukeka iyiqembu eliphansi. Ngesizini edlule livike izembe, liyehla liyenyuka. Abadlali bami kumele basebenze kanzima uma benze njalo imivuzo izobalende­la,” kusho uVukusic.

Uthe uMaluleke ungumdlali obalulekil­e eqenjini lakhe.

“Uyakwazi ukusilawul­ela umdlalo sidlale ngendlela esifuna ngayo. Kodwa futhi wonke umuntu eqenjini unendima yakhe okumele ayidlale.”

Lo mqeqeshi odabuka eSlovekia usebeke iRise Shine endaweni yesikhombi­sa kwi-log ngemuva kokuqoqa amaphuzu awu-18 emidlalwen­i ewu-11. Ngemuva kokuthola iphuzu kuMaZulu FC ngempelaso­nto emdlalweni weligi ophele ngo 0-0, uthe usebheke ukuthi ukuthi bayigcine indawo yabo emidlalwen­i emine esele ngaphambi kokuphela komzuliswa­no wokuqala weligi.

Uma sekubuywa ekhefini leFifa, iCity izovakashe­lwa iCape Town City ePeter Mokaba Stadium ngoNovemba 27.

Lo mdlalo uzolandelw­a owasekuham­beni neBloemfon­tein Celtic ngoDisemba 2. Izobuyela ekhaya yamukele iHighlands Park ngoDisemba 11, bese ivala unyaka neChippa United ekuhambeni ngoDisemba 14. “Besibheke ukungena emaqenjini okuqala ayisishiya­galombili, sesikwenzi­le lokho. Sekumele silwele ukuthola amaphuzu emidlalwen­i emine esele ngoba ngeke kube lula ukudlala ekhaya neCape Town City neHighland­s sibuye siye ekuhambeni kwiCeltic nakwiChipp­a.”

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa