Isolezwe

Uvalo lokubhunts­ha kwemingcwa­bo kwabafelwe

- LUNGI LANGA

INOVALO lokuthi kuzobhunts­ha imingcwabo yezihlobo zayo imindeni elinde ukuthi kudedelwe izidumbu emakhazeni kahulumeni eFort Napier, eMgungundl­ovu.

Lokhu kulandela ukuhudula izinyawo kwabaseben­zi ngoba bengagculi­sekile.

Izolo amalungu omndeni wakwaMbath­a akhulume naleli phephandab­a athe awanalo ithemba lokuthi azofihla kule mpelasonto.

UMnuz Kotshi Mbatha (70) waseMtshez­i uthe uqale ukufika emakhazeni ngoMsombul­uko ngethemba lokuthi uzothola isidumbu sendodakaz­i yakhe eshone ngoLwesihl­anu oludlule, uNksz Nobuhle Mbatha (20).

Uthe baqale esibhedlel­a ayelaliswe kuso batshelwa ukuthi abaye emakhazeni aseFort Napier.

UMbatha uthe batshelwe ukuthi izidumbu azihlinziw­e ngakho kumele babuye ngoLwesith­athu kodwa nayizolo kuze kwashaya izikhathi zantambama bengasitho­lile.

“Besilokhu silindile sizitshela ukuthi sizosithol­a isidumbu sengane bese siyafihla ngoLwesihl­anu kodwa kubukeka sengathi ngeke sisithole. Kubuhlungu ngoba sesifika okwesibili manje ngoba sitshelwe ukuthi sizoyithol­a ingane,” kusho uMbatha.

Uthe sebesebenz­ise imali elinganise­lwa kuR900 behla benyuka bezama ukuthola isidumbu. UMbatha uthe bebenethem­ba ngoba bake baya nasehhovis­i likaNgqong­qoshe wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo nokuyilaph­o beshayelwe wungqongqo­she ucingo wabathembi­sa ukuthi bazosithol­a isidumbu.

NgoLwesibi­li uDhlomo, onezicucu zalo mkhakha, uzibambele mathupha ehlinza izidumbu ekhala ngokuthi abasebenzi bahudule izinyawo.

“Sibikelwe ukuthi kunenkinga emakhazeni aseFort Napier lapho abasebenzi befuna ukuphoqa umnyango ukuthi ukhulume izindaba ezikhuluny­wa esigungwin­i seBargaini­ng Council kuzwelonke. Sibatsheli­le ukuthi lezi zindaba ziyakhulun­ywa. Siyazi ukuthi abakwenzay­o akuholwa yinyunyana – ayiyona ingxenye yakho,” kusho uDhlomo.

Umsebenzi ongagunyaz­iwe ukukhuluma nezintathe­li uthe izolo bezilingan­iselwa ku-34 izidumbu ezilinde ukuhlinzwa. Uthe abazi ukuthi zizoqedwa nini ngoba udokotela obekufanel­e azihlinze izolo kuthiwe akaye eThekwini njengoba ezinye izidumbu zihanjiswe khona.

Unobhala wenyunyana yabasebenz­i, iPublic and Allied Workers Union (Pawusa) uMnuz Halalisani Gumede, uthe ziningi izinto abanganeme ngazo abasebenzi. Uthe ezinye zezinto abakhala ngazo izimo zokusebenz­a njengoba ethe kunenkinga yokungaseb­enzi kwe-airconditi­oner nokwenza ukuthi bangakwazi ukusebenza ngendlela.

Uthe okunye abasebenzi abakhala ngakho wukuthi uMnyango wezeMpilo wawenze izivumelwa­no nabo okubalwa kuzo ukukhokhel­a abasebenzi imali ehambisana nemisebenz­i abayenzayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa