Isolezwe

‘Uma singahlang­ana singenza kangcono’

- LUNGILE MAJOKA

UMA iqembu laseNingiz­imu Afrika lamantomba­zane aneminyaka engaphansi kuka17 lingazethe­mba kungenzeka lenze kangcono emdlalweni wesibili kwiNdebe yoMhlaba ebanjelwe e-Uruguay.

Abantwama bavule umqhudelwa­no ngokubamba­na ngo 0-0 neMexico eMaldonado ngoLwesibi­li ebusuku. Yize bekwazile ukuthola iphuzu kodwa umdlalo wabo ubungagcul­isi njengoba iMexico iyeke inqwaba yamathuba amagoli.

La maqembu ehlangana kulo mqhudelwan­o ngo2010, Abantwana bakhala ngaphansi ngo 4-0.

U-Amanda Dlamini ongumhlazi­yi kanobhutsh­uzwayo kwiSuperSp­ort, uthe ukholwa wukuthi leli qembu eliphekwa uSimphiwe Dludlu lisengakhu­phula amasokisi.

“Engikuboni­le wukuthi besihlakaz­ekile. Uma singakwazi ukuhlangan­a emdlalweni wethu olandelayo bese kuthi noma sifaka ibhola kumgadli wethu akwazi ukulinda ozakwabo bezomeseka, kungalunga.

“Uma nje abadlali bengayeka ukwesaba badlale ngokukhulu­leka bese silungisa lezi zinto singenza kangcono,” kusho uDlamini oke waba ngukaputen­i weBanyana Banyana.

“Abanye bakhale ngokuthi besidlalel­a emuva kakhulu. Yebo kunjalo kodwa mina ngike ngithi kwesinye isikhathi akusizi ukufuna ukwenza okungaphez­ulu kwakho bese uziveza ubuthaka .”

Emdlalweni olandelayo kaGroup B okusasa Abantwana bazobhekan­a neJapan ngo-7 ebusuku ngokwesikh­athi sakuleli.

Elinye iqembu abazodlala nalo yiBrazil ngoLwesibi­li. “Iqoqo lethu lona linzima. Mina sengikulin­dele ukwenza izibalo. Kodwa okuhle okwamanje wukuthi wonke umuntu unephuzu elilodwa. Bekuzoba kubi kakhulu ukube asilithola­nga leli phuzu. Siyobe sisebenze kakhulu uma singadlula kuleli qoqo,” kusho uDlamini. IJapan ebicindeze­le ibambana ngo 0-0 neBrazil.

Ngakolunye uhlangothi ukaputeni weMexico uNicole Perez ekhuluma kwiFifa.com, uthe ubengalind­ele ukuthi bangabanjw­a iNingizimu Afrika.

“Asiphoxeki­le wukuthi nje sikhathaze­kile ngokuthi asiwinanga. Besingawul­indele lo mphumela kodwa nginokuzet­hemba okukhulu ngokuthi sizoyinqob­a imidlalo emibili elandelayo,” kusho uPerez. IMexico izodlala neBrazil kusasa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMexico uNicole Soto ezama ukuvimba uChelsea Daniels weNingizim­u Afrika emdlalweni weNdebe yoMhlaba ka-Under 17 eMiguel Domingo Burgueno Stadium, eMaldonado, e-Uruguay, ngoLwesibi­li
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMexico uNicole Soto ezama ukuvimba uChelsea Daniels weNingizim­u Afrika emdlalweni weNdebe yoMhlaba ka-Under 17 eMiguel Domingo Burgueno Stadium, eMaldonado, e-Uruguay, ngoLwesibi­li
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa