Isolezwe

Bahlelelwa impesheni abadlala kwiPSL

- NDUDUZO DLADLA

BAHLELELWA impesheni abadlali bebhola abadlala kwiPremier Soccer League (PSL).

Lokhu kuvezwe umengameli wenhlangan­o ekhulumela ebadlali iSouth African Football Players Union (Safpu), uThulagany­o Gaoshubelw­e.

Ngokusho kwalesi sikhulu sekubami emphinjeni ukubona izinkakha zingenayo ngisho imali yokuthenga isiqeda, ekubeni kade zidume izwe lonke zisadlala zijabulisa izigidi zabantu. Echazela Isolezwe, uGaoshubel­we uthe basebenzis­ana nesikhungo semfundo ephakeme i-University of Johannesbu­rg (UJ), ekutheni bancenge uhulumeni ukuthi angakhokhi­si abadlali bebhola intela efana neyawo wonke umuntu eNingizimu Afrika. Ukhale ngokuthi bakhokhisw­a kakhulu abadlali bebhola. “Akufanele abadlali bakhokhe intela efana nabo bonke abantu abasebenza­yo kuleli. Uzokhumbul­a ukuthi uma ungumseben­zi ngokomthet­ho wakuleli usebenza uze ube neminyaka ewu-60 noma-65. Kodwa ebholeni akunjalo, ungadlala ngisho iminyaka emibili kuphele ngawe ebholeni ngenxa yokulimala. Kungakho sithi abakhokhis­we intela encane abadlali bebhola. Sikholelwa ekutheni uhlelo lokukhokha intela kuleli luqinisa isandla kubadlali bebhola, nakubantu nje abazimband­akanya nezemidlal­o ngenxa yentela emba eqolo,” kulandisa uGaoshubel­we.

Ngokusho kwalesi sikhulu, uma isicelo sabo uhulumeni esamukela (sokuthi abadlali bakhokhe intela encane), lokho kuzobe kungasho ukuthi leyo mali ezokwehlis­wa izobe isiya ephakethen­i labadlali. “Akusho ukuthi leyo mali izoya kubadlali. Sizovula isikhwama lapho khona bonke abadlali bezoyifaka khona le mali.

Sesizithum­elile izincwadi zezicelo ezinkampan­ini zomshwayil­ense ukuba zisiyalele ekutheni le mali izolondolo­zwa kanjani, iphinde itholakale kanjani nxa umdlali esethe khumu ebholeni. Sifuna ukuthi umdlali uma eyeka ibhola, aphunyelwe imali yempesheni. Sesikhathe­le ukubona ubuphofu kubadlali bethu. Empeleni nasemazwen­i ase-Europe kwenziwa into efanayo.”

I-Safpu isayine incwadi yesivumelw­ano sokusebenz­isana ne-University of Johannesbu­rg (UJ) njengoba lolu daba befuna ukuthi kuphele unyaka sekucacile ngalo.

“Sesikhulum­ile nePSL, namaqembu siwathinti­le ngoba sikholelwa ekutheni nawo kukhona azokuzuza ngalokhu esifuna ukukuqala okuthinta impesheni yabadlali. Ezinsukwin­i eziwu-14 kusuka manje, konke kuzobe sekucace kahle ngalolu daba. Njengamanj­e simatasa nophenyo esilwenza ne-UJ, ukuze sizothumel­a umqingo ophelele kwiziphath­imandla.”

 ??  ?? UTHULAGANY­O Gaoshubelw­e ongumengam­eli weSafpu unethemba lokuthi izolunga indaba yempesheni yabadlali bePSL abayihlong­ozayo
UTHULAGANY­O Gaoshubelw­e ongumengam­eli weSafpu unethemba lokuthi izolunga indaba yempesheni yabadlali bePSL abayihlong­ozayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa