Isolezwe

Uncome amagalelo kaHudla osethatha umhlalapha­nsi

- FANELESIBO­NGE BENGU

USIHLALO wePremier Soccer League, u-Irvin Khoza, utuse amagalelo engwazi yezokusaka­za ibhola uJoe Hudla osethatha umhlalapha­nsi.

UKhoza ubekhuluma emsakazwen­i izolo ngesikhath­i uJoe ebememezel­a ngokusemth­ethweni ukuthi usethatha umhlalapha­nsi ngoDisemba 31.

Isolezwe labika ngokushiya kukaJoe ngoJulayi nokuyinto ayiqinisek­isa kodwa wathi uzobuye achaze ngayo.

UKhoza uchaze uJoe njengomsak­azi ohlale ekhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi.

“Ngisho ulalele njengosihl­alo noma njengomqeq­eshi uyezwa ukuthi into ayishoyo iyakha,” kusho u-Khoza.

Uthe wafika eGoli waba ngumakhelw­ane wakhe eDiepkloof esuka oNgoye ngaphambi kokulandel­a ezinyathel­weni zoKoos Radebe ekusakazen­i ezemidlalo.

UKhoza ubuye waveza ukuthi uJoe wayethanda iMoroka Swallows hhayi elinye iqembu njengoba abanye becabanga.

Uthe uthanda yena siqu sakhe nokuyikho okudida abantu futhi akukho okubi ngokweseka uma ungumsakaz­i.

“Ubewuqonda umsebenzi wakhe njengomsak­azi ukuthi uyini. Uyakha, uyazisa futhi uyaxwayisa. Umsebenzi webhola unzima kakhulu kumele uwazi. UJoe uncwadile ngolimi lwaselokis­hini.”

Uthe kumele agcinwe aqeqeshe abasakazi abasha kwezemidla­lo.

“Wonke umuntu unesiphiwo sakhe asinikwe wuNkulunku­lu, kumele asisebenzi­se ngokuthemb­eka. Ngiyabonga ukuthi uphuma eSABC akanazinxu­shunxushu. Wabaleka ophikweni lakwandaba­zabantu kunezinkin­ga akazange atshele muntu ngoba ebona ukuthi kukhona okungahamb­i kahle. Wangena kumakhwaya nesicatham­iya wagcina esekwezemi­dlalo. Uhamba namuhla njengomsak­azi osezingeni eliphezulu.”

Uthe uzommema emhlanganw­eni wezikhulu zePSL ngoDisemba 20 bemvalelis­e ngokusemth­ethweni.

UJoe uthe kumfikisel­a izinyembez­i ukuzwa inkulumo kaKhoza.

“Kwesinye isikhathi uyaye wenze nje umsebenzi ngoba uqashiwe ngaleso sikhathi. Kuyinhlanh­la engandele bani ukuthi umholi okuleli zinga uKhoza akulo abeka inkulumo ngami ngingeluth­o.”

Uthe ibhola akaze “ngilithath­e njengomseb­enzi, bengilitha­tha njengengxe­nye yempilo yami”.

Isikhulu seLamontvi­lle Golden Arrows, uMato Madlala, sithe uJoe kumele azosebenze­la iqembu lakhe ayovumbulu­la abadlali abasha.

UMfundisi Hawu Mbatha, owavumbulu­la ithalente likaJoe, uthe kumele avule isikole sokuqeqesh­a abasakazi bebhola abasha.

 ??  ?? UJOE Hudla uvaleliswe ngokusemth­ethweni ekusakazen­i emoyeni izolo njengoba esezothath­a umhlalapha­nsi ekupheleni konyaka
UJOE Hudla uvaleliswe ngokusemth­ethweni ekusakazen­i emoyeni izolo njengoba esezothath­a umhlalapha­nsi ekupheleni konyaka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa