Bafuna incazelo ngokufa kobengufakazi
UMNDENI wesikhulu sikamasipala wakwaNongoma esitholwe sibulewe sikhishwe namehlo endlini yokuvikela ofakazi boMbuso uthi usafuna incazelo emaphoyiseni ngokushona kwaso.
UMnuz Bonginkosi Soyiso ubeyisikhulu sokukhishwa kwamathenda kumasipala kodwa ngo-2016 wenziwa ufakazi wombuso ngokubulawa kukaMnuz Archie Duma, owadutshulwa egcekeni lakwamasipala kusalindeleke ukuba adedele umbiko wenkohlakalo yokudliwa kwemali yomkhandlu wakwaNongoma okusolakala ukuthi yayikhishwa sengathi iyokwenza izinhlelo zentuthuko kanti iya kwabathile.
USoyisa waba ngufakazi kwalandela ngokuthi uMbuso uyombeka ePort Elizabeth, e-Eastern Cape endaweni ephephile.
Ubezofakaza ecaleni elingena namhlanje kwaNongoma elithinta obeyiNhloko yeziMali uMnuz Phakamani Innocent Mthembu.
UMthembu kuthiwa wabanjwa amaphoyisa ebusuku elibangise eSwatini.
UNkk Nompumelelo maZulu Soyiso, ongunina kaSoyiso uthi abazi bayokhohlwa kanjani ngokubulawa ngesihluku kwendodana yakhe.
“Umtanami besixhumana naye zonke izinsuku futhi akukho abengangitsheli khona. Kodwa kuthe ngomhlaka-19 Okthoba, ngathi ngiyamfonela ngangamthola ocingweni. Safonela iphoyisa okuthiwa uDlamini okuyilo elalimthathe layikhaya. Lasitshela ukuthi uyabhala yikho singamtholi ocingweni,” kusho uNkk Soyiso.
Uqhube wathi bebelokhu bekhathazekile bengazi ukuthi kwenzekani ngoba bayaqala ukuthi kuze kuyophela isonto engabafonelile.
Uthe ngomhla ka-26 Okthoba bathola ucingo ngo-11 ebusuku olubazisa ukuthi uSoyiso utholwe eshonile endlini yakhe futhi esonakele.
“Amaphoyisa asitshela ukuthi ugulile washona kodwa umbiko kadokotela uthi washawa wakhishwa amehlo. Esifubeni ngendlela ayeyiyo, kungathi wayehudulwa phansi ngendlela ayelimele ngayo. Yingakho sithi sifuna incazelo ngokuthi kwenzekani kuye ngoba sikholwa wukuthi amaphoyisa kukhona asifihlela khona,” kubalisa unina kamufi.
Okunye okuxake umndeni wukuthi iphoyisa ebelimgada belimfonela usuku nosuku noma liyombheka lapho ehlala khona kodwa kulokhu alikwenzanga.
Icala likaSoyiso livulwe esiteshini samaphoyisa aseWalmer. Isidumbu sihlolwe nguDkt Gregory Hanslo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Brenda Moridili uthe usazobheka yonke imininingwane ngaphambi kokuba aphawule.
“Ngicela uthumele i-email kodwa angizukuphendula namhlanje ngoba kuzomele ngibheke konke okuthinta udaba, okuyinto ezodinga isikhashana,” kusho uColonel Moridili.