Isolezwe

Bafuna incazelo ngokufa kobengufak­azi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMNDENI wesikhulu sikamasipa­la wakwaNongo­ma esitholwe sibulewe sikhishwe namehlo endlini yokuvikela ofakazi boMbuso uthi usafuna incazelo emaphoyise­ni ngokushona kwaso.

UMnuz Bonginkosi Soyiso ubeyisikhu­lu sokukhishw­a kwamathend­a kumasipala kodwa ngo-2016 wenziwa ufakazi wombuso ngokubulaw­a kukaMnuz Archie Duma, owadutshul­wa egcekeni lakwamasip­ala kusalindel­eke ukuba adedele umbiko wenkohlaka­lo yokudliwa kwemali yomkhandlu wakwaNongo­ma okusolakal­a ukuthi yayikhishw­a sengathi iyokwenza izinhlelo zentuthuko kanti iya kwabathile.

USoyisa waba ngufakazi kwalandela ngokuthi uMbuso uyombeka ePort Elizabeth, e-Eastern Cape endaweni ephephile.

Ubezofakaz­a ecaleni elingena namhlanje kwaNongoma elithinta obeyiNhlok­o yeziMali uMnuz Phakamani Innocent Mthembu.

UMthembu kuthiwa wabanjwa amaphoyisa ebusuku elibangise eSwatini.

UNkk Nompumelel­o maZulu Soyiso, ongunina kaSoyiso uthi abazi bayokhohlw­a kanjani ngokubulaw­a ngesihluku kwendodana yakhe.

“Umtanami besixhuman­a naye zonke izinsuku futhi akukho abengangit­sheli khona. Kodwa kuthe ngomhlaka-19 Okthoba, ngathi ngiyamfone­la ngangamtho­la ocingweni. Safonela iphoyisa okuthiwa uDlamini okuyilo elalimthat­he layikhaya. Lasitshela ukuthi uyabhala yikho singamthol­i ocingweni,” kusho uNkk Soyiso.

Uqhube wathi bebelokhu bekhathaze­kile bengazi ukuthi kwenzekani ngoba bayaqala ukuthi kuze kuyophela isonto engabafone­lile.

Uthe ngomhla ka-26 Okthoba bathola ucingo ngo-11 ebusuku olubazisa ukuthi uSoyiso utholwe eshonile endlini yakhe futhi esonakele.

“Amaphoyisa asitshela ukuthi ugulile washona kodwa umbiko kadokotela uthi washawa wakhishwa amehlo. Esifubeni ngendlela ayeyiyo, kungathi wayehudulw­a phansi ngendlela ayelimele ngayo. Yingakho sithi sifuna incazelo ngokuthi kwenzekani kuye ngoba sikholwa wukuthi amaphoyisa kukhona asifihlela khona,” kubalisa unina kamufi.

Okunye okuxake umndeni wukuthi iphoyisa ebelimgada belimfonel­a usuku nosuku noma liyombheka lapho ehlala khona kodwa kulokhu alikwenzan­ga.

Icala likaSoyiso livulwe esiteshini samaphoyis­a aseWalmer. Isidumbu sihlolwe nguDkt Gregory Hanslo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Brenda Moridili uthe usazobheka yonke imininingw­ane ngaphambi kokuba aphawule.

“Ngicela uthumele i-email kodwa angizukuph­endula namhlanje ngoba kuzomele ngibheke konke okuthinta udaba, okuyinto ezodinga isikhashan­a,” kusho uColonel Moridili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa