Isolezwe

Usinde ngokulambi­sa edutshulwa yisoka

- NONTUTHUKO NGUBANE noLUNGI LANGA

USASHAQEKI­LE umndeni wowesifaza­ne waKwaNongo­ma ofike ekuqaleni konyaka eThekwini ezosebenza, ngokudutsh­ulwa kwakhe ebusweni yisoka kulandela ingxabano.

UNksz Nobuhle Zwane (25), uvinjezelw­e yisoka lakhe engena efemini asebenza kuyo esePhoenix, eThekwini, lamdubula ebusweni nasemlonye­ni maqede labaleka.

Ngokuthola kweSolezwe isoka elingunoga­da belicikwa wukuthi uNksz Zwane akalikhulu­misi kulandela ingxabano ephakathi kwabo. Kuthiwa bebeqale ukuthandan­a ngoJuni nonyaka. Uyise kaNksz Zwane, uMnuz Thokozani Zwane ekhuluma neSolezwe eKwaNongom­a uthe bengumnden­i basashaqek­ile ngesigamek­o njengoba bengalazi nesoka.

“Indodakazi yami cishe izoqeda unyaka yaya eThekwini ngenxa yokusebenz­a. Sishaqekil­e siwumndeni sithola ucingo lokuthi idutshulwe owesilisa ebithandan­a naye. Angimazi loyo muntu, angazi nokuthi ubebangeni nendodakaz­i yami ngaphandle kokuthi bebexabene nje. Kusithusil­e kakhulu lokhu okwenzekil­e ngoba asimazi impela lo muntu,” kusho uZwane.

Uthe okwenza bethuke kakhulu wukuthi akazi indodakazi yakhe ilimele kangakanan­i.

“Okwamanje ngisatshel­wa efonini nje ukuthi udubuleke ebusweni nasesandle­ni. Inhlamvu enye ingene emlonyeni yaphuma emhlathini. Indodakazi isesimeni esibucayi impela esibhedlel­a kodwa ngiyamthem­ba uNkulunkul­u ukuthi izosinda,” kusho uZwane.

Indodakazi yakhe uthe inengane esele ekhaya KwaNongoma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Colonel Thulani Zwane uthe odubulile usagcwele amathafa basamthung­atha.

“Amaphoyisa asePheonix avule icala lokuzama ukubula kulandela ukudutshul­wa kowesifaza­ne oneminyaka engu-25 ngaphandle kwalapho esebenza khona ngoMgqibel­o. Ngokopheny­o olusenziwe uxabene nesoka lakhe labe selimdubul­a ebusweni nasesandle­ni. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a. Indoda emdubulile isagcwele amathafa,” kusho uZwane.

Isolezwe lithole ngoyise kaNksz Zwane ukuthi kuthiwa nesoka lizidubuli­le ngawo uMgqibelo labe selilalisw­a esibhedlel­a. Amaphoyisa awazange akuqinisek­ise lokhu.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe uNksz Zwane usesimeni esibucayi esibhedlel­a emuva kokudutshu­lwa amahlandla amaningi yindoda eyisoka lakhe ngoMgqibel­o ekuseni.

UBalram uthe ithimba labezimo eziphuthum­ayo lithintwe ekuseni emuva kwehora lesishiyag­alombili libikelwa ngesigamek­o sokudubula esenzeke endaweni okuthungwa kuyo izingubo.

“Ngesikhath­i befika bafice umgilwa elimele enamanxeba amabili okudutshul­wa ebusweni nelilodwa esandleni. Bamuphuthu­mise esibhedlel­a,” kusho uBalram.

Uthe umgilwa uthi yena nesoka lakhe baqale ukuthandan­a ngoJuni nonyaka kodwa baxabene ezinsukwin­i ezedlule bangabe besakhulum­isana.

UBalram uthe ngesikhath­i uNksz Zwane engena emsebenzin­i ekuseni ngoMgqibel­o isoka lakhe liye kuyena lase lidubula izikhathi eziningi kwaze kwajama isibhamu.

Kuthiwa libe selibaleka ngezinyawo. Kukholakal­a ukuthi lo mlisa usebenza njengonoga­da.

Uthe ithimba labo libe selithunga­tha umsolwa kodwa langamthol­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Nobuhle Zwane okusolakal­a ukuthi udutshulwe yisoka lakhe esemsebenz­ini. Uthathwe la esizwa abezimo eziphuthum­ayo bakwaReact­ion Unit South Africa (Rusa)
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Nobuhle Zwane okusolakal­a ukuthi udutshulwe yisoka lakhe esemsebenz­ini. Uthathwe la esizwa abezimo eziphuthum­ayo bakwaReact­ion Unit South Africa (Rusa)
 ??  ??
 ??  ?? I-sms ibiza R1,50.
I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa