Isolezwe

I-DA isingenele olwethempe­li laKwaShemb­e eThornwood

- BONISWA MOHALE

SELUNGENEL­WE yiDemocrat­ic Alliance KwaZulu-Natal udaba lokudilizw­a kwethempel­i laKwaShemb­e eThornwood.

Izolo umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe kuwukucwas­a ukudiliza ithempeli lakwaShemb­e eThornwood ngoba wonke umuntu unelungelo lokukhonza lapho ethanda khona futhi zonke izinkolo ziyalingan­a.

“Sihlele umhlangano neMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza, ukudingida lolu daba. Siyakugxek­a ukuhlukuny­ezwa kwabantu ezindaweni zokukhonza ngoba umthetho uyayivikel­a inkolo. Sizokhulum­a noNzuza ngethemba lokuthi njengoba amanye amasonto enikezwa indawo yokukhonza nebandla laKwaShemb­e lizonikwa indawo yalo. Selibe seThornwoo­d iminyaka engaphezu kuka-10 futhi ibingekho inkinga kodwa iqale uma selakha indlu yokukhonza ngesitini,” kusho uMncwango.

Uthe njengoba amatende amanye amakholwa egxunyekwa kuzo zonke izindawo namaNazare­tha kufanele abekelwe indawo.

USihlalo weNazarite Judicial Council, uMnuz Willington Myeni, uthe selokhu amaNazaret­ha anikwa indawo yaseThornw­ood ngo-1988 awakaze abe nenkinga kodwa iyaqala kulo nyaka.

Uthe kumanje akekho ophumela obala ukusho ukuthi uyena okhiphe umyalelo wokuthi kudilizwe isakhiwo samaNazare­tha eThornwood yingakho udaba belubike nakumasipa­la.

Uphinde wathi ibandla laKwaShemb­e liye lababikela ngezingane ezivimbelw­e ukuba zibhale ngenxa yokuthi bezingagun­dile, baphinde bakhala nangokuthi bayagundis­wa emaphoyise­ni.

UMncwango uphinde wakhala ngokuthi izingane ezikhonza kwaShembe zivinjelwa ukuthi zibhale izivivinyo zazo ezisezikol­eni zaseMkhuze.

UMyeni uthe ezinye izingane bayazisusa ezikoleni zaseMkhany­akude baziyise kweziKwaNo­ngoma ngenxa yokuthi ziyahlukun­yezwa uma zingamaNar­aretha zigundwe ngenkani.

“Udaba lokugundwa kwezingane ezikoleni silubikile ehhovisi likaNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva ocele ihhovisi likaNdunan­kulu ukuthi lingenelel­e. Kusiphethe kabi ngoba sibikile nakwiSouth African Council for Educators (Sace) yacela ukuthi umfundi eze nombiko wamaphoyis­a okhombisa ukuthi uthisha wamlimaza kanjani ngoba ngesikhath­i efuna agunde ngenkani waze wamshaya,” kusho uMyeni.

UMncwango uthe bazoluyisa kwikhomish­ini yamalungel­o abantu udaba lokuhlukun­yezwa kwamaNazar­etha.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bayazihlon­ipha zonke izinkolo wacela abazali okuhlukuny­ezwa izingane zabo ukuthi babikele uMnyango.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa