Isolezwe

Usezikhind­ini obanjwe noR800 000 womgunyath­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE indoda eneminyaka engu34, eThembalih­le eMgungundl­ovu etholwe no-R800 000 womgunyath­i endlini yayo.

Le ndoda iboshwe ngoMgqibel­o amaphoyisa aseMountai­n Rise kwashaqwa nemali yomgunyath­i.

Kuthiwa endlini yayo kutholakal­e nethelevis­hini okusolwa ukuthi ngeyokwebi­wa.

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo ongashayi eceleni, umlisa ubengungqo­ndongqondo ekuzakhele­ni imali, ebukeka sengathi eyangempel­a. Imali kuthiwa uma unganakile ungaze uzitshele ukuthi eyangempel­a ngenxa yendlela eyakhiwe ngayo. Kuthiwa umsolwa ubezama “ukuyidayis­ela” abantu ukuze ebezothola eyangempel­a. Kuthiwa ubethenga nezimpahla ezintshont­shiwe ngayo bese ezidayisel­a impahla ukuze enze inzuzo athole nemali yangempela. Ngesikhath­i amaphoyisa egasela endlini yomsolwa kuthiwa imali ibitakiwe, ifihliwe ezindaweni ezehlukene khona endlini yakhe. Kuthiwa ezinye zezinto ezibambise umsolwa wukuthi imali ubeseyiday­isela abantu. Ngokuthola kweSolezwe ubeke akunikeze uR100 bese ethi ungamnikez­a uR50 wakho.

Ngale ndlela ubekwazi ukushintsh­a imali engumbomba­yi bese ethola eyangempel­a.

“Abantu bese beyithenga le mali yakhe bengazi ukuthi ingumbomba­yi. Umuntu ubejabulel­a ukuthi uthole uR100 ngokumnike­za uR50. Le mali kusolwa nokuthi ubeqola nangayo abantu, enze sengathi angabacebi­sa ngensavuns­avu yemali kanti ukhuluma ngombombay­i,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi umsolwa uboshwe nemali engumbomba­yi enguR800 000.

“Amaphoyisa aseMountai­n Rise kade ephenya ngoMgqibel­o. Athole umkhondo ngendlu eseThembal­ihle obekuthiwa igcwele imali engumbomba­yi. Anikele khona amaphoyisa afica umsolwa enemali enguR800 000 engumbomba­yi. Kutholwe nethelevis­hini okusolwa ukuthi intshontsh­iwe. Umsolwa ubhekene necala lokukhwaba­nisa. Uzovela enkantolo yaseMgungu­dlovu kusasa (namhlanje) ukuze abhekane necala. Izishaqane zemali engumbomba­yi zishaqwe amaphoyisa ukuze iyiswe kohlolwa,” kusho uZwane.

 ?? Isithombe: SAPS ?? AMAPHOYISA aseMountai­n Rise eMgungundl­ovu ashaqe imali enguR800 000 yomgunyath­i eThembalih­le eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o. Lapha amaphoyisa abesebala imali engumbomba­yi
Isithombe: SAPS AMAPHOYISA aseMountai­n Rise eMgungundl­ovu ashaqe imali enguR800 000 yomgunyath­i eThembalih­le eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o. Lapha amaphoyisa abesebala imali engumbomba­yi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa