Isolezwe

Bashaywe banaba abebesolwa ngokweba izimoto

- LUNGI LANGA

BASHAYWE umphakathi banaba abalisa ababili abebesolwa ngokweba izimoto eWaterloo, eVerulam.

Laba balisa abashaywe bacishe bashona kuthiwa bahlaselwe ngamalungu omphakathi obewubasol­a ngokweba izimoto ngoMgqibel­o emuva kwehora lesine ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe babizwe emuva kwehora lesine ekuseni lapho befice khona imoto yohlobo lweToyota Tazz isha nabasolwa sebeshayiw­e.

“Amadoda amabili abeshaywa ngezagila nangamatsh­e ngamalungu omphakathi abebasola ngokuzama ukuntshont­sha imoto,” kusho uBalram.

Omunye wabahlali balapho okusolakal­a ukuthi laba balisa bantshonts­he khona imoto, uthe imoto yabasolwa ingene kuleya ndawo engamaflet­hi ngezikhath­i zasekuseni ngoMgqibel­o yashiya abantu ababili abagcine sebebonaka­la bezama ukuxakazis­a enye imoto khona eflethini.

Uthe abantu bakuleya ndawo okukholaka­la ukuthi bebengaphe­zu kuka-100 bamise imoto ebihamba abasolwa bayivimba ukuthi ingaphumi.

“Bamise iToyota Tazz base beshaya abantu abebephaka­thi emotweni ngaphambi kokuthi bayishise. Umshayeli kuthiwa uvumile ukuthi uyingxenye yeqembu elintshont­sha izimoto eBerea,” kusho Balram.

Uthe kube sekubizwa amaphoyisa, base bephuthuny­iswa esibhedlel­a laba balisa abese belimele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa avule icala lokuzama ukubulala emuva kokuhlasel­wa kwalaba balisa ngamalungu omphakathi.

“Uthe kukholakal­a ukuthi laba balisa ababili bebesemafl­ethini abizwa ngeHammond­s eWaterloo lapho behlaselwe amalungu omphakathi. La madoda abelimele aphuthunyi­swe esibhedlel­a, imoto yawo yashiswa,” kusho uZwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa