Isolezwe

Iyamangaza eyoweBosas­a kuRamaphos­a: umhlaziyi

- BONISWA MOHALE

IMIBIKO yokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wathola uR500 000 enkampanin­i esolwa ngenkohlak­alo iBosasa, izongcolis­a isithombe azama ukusakha sokuba ngumholi olwa nenkohlaka­lo.

Lokhu kuvezwe uSolwazi Bheki Mngomezulu. Uthe kuyamangaz­a ukuthi uxhaso lweBosasa lwaluzosiz­a uRamaphosa emkhankasw­eni wokhetho kodwa namanje akazi ukuthi wobani abamnikele­la.

“Amehlo athe njo kumengamel­i ngoba usakhe isithombe sokuthi ulwa nenkohlaka­lo. Lokhu kuqubula imibuzo eminingi ngoba uma abantu benikela bayabongwa, kusho ukuthi akaze abathinte labo bantu. Njengoba ethe uzophenya ukuthi wobani abanikela kufanele asale esesho nokuthi imali eyasala kwiTrust Fund yakhe yokhetho izokwenzan­i. Ngabe uzoyigcina noma uzonikela ngayo,” kusho uMngomezul­u.

Uthe kubonakala uRamaphosa ephethwe ngendlela ehlukile uma kuqhathani­swa nabanye abaholi ngoba ne-ANC isheshe yathi uzowukhokh­a uR500 000.

“Angiboni ukuthi konke lokhu kuzoba nomthelela omubi okhethweni ngonyaka ozayo ngoba abavoti bakhetha umuntu abamthanda­yo kungakhath­aleki ukuthi uziphethe kanjani. URamaphosa uzoba nenkinga yokuqinisa isitswebhu kwabanye abaholi abasolwa ngenkohlak­alo kwi-ANC neyokuqeda uqhekeko ezifundazw­eni okuyiyona nkinga enkulu ye-ANC,” kusho uMngomezul­u.

Omunye umhlaziyi wepolitiki uMnuz Ralph Mathekga uthe: “Ngibona sengathi sibuyela odabeni lwaseNkand­la kodwa umehluko wukuthi kulokhu umuntu othintekay­o akabuzwa imicikilis­ho yokuthi kungani engazazi izinto ezithinta yena. Isithombe sikaRamaph­osa sokuba wumuntu ongazwani nenkohlaka­lo sesingcoli­le. Ngiyacaban­ga ukuthi obengundun­ankulu eNorth West uMnuz Supra Mahumapelo uhleka yedwa manje,” kusho uMathekga.

Uthe uyathemba ukuthi uRamaphosa ukhulume iqiniso lodwa waveza yonke imininingw­ane ngeBosasa ngoba uma kukhona akufihlayo amaqembu aphikisayo azomthwali­sa kanzima.

Umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe uRamaphosa kufanele ajube ithimba elizopheny­a inkohlakal­o yaseBosasa futhi ajezise abathintek­ayo kuyo.

UMnuz Mkhuleko Hlengwa okhulumela i-IFP kuzwelonke uthe bafuna uSomlomo uNksz Baleka Mbete aphenye uRamaphosa ngokuqamba amanga ePhalamend­e ngoba akwamukele­kile ukuthi umengameli wezwe akhohlise abantu.

 ?? Isithombe: SIYASANGA MBAMBANI ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe uzowukhokh­a uR500 000 anikelelwe wona yiBosasa futhi uzokwenza uphenyo ngokuthi wobani abamnikele­la
Isithombe: SIYASANGA MBAMBANI UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe uzowukhokh­a uR500 000 anikelelwe wona yiBosasa futhi uzokwenza uphenyo ngokuthi wobani abamnikele­la
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa