Isolezwe

Ngeke ngimbangis­e uRamaphosa: Mabuza

- MHLENGI SHANGASE

IPHINI likaMengam­eli le-ANC uMnuz David Mabuza lithe ngeke libangise uMengameli wale nhlangano nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa esikhundle­ni sakhe.

UMabuza oyiPhini likaMengam­eli wezwe, uthe isikhundla sikaRamaph­osa siphephile, akasiconse­li amathe.

“Ngiyohlala ngisebenza eduzane kukaRamaph­osa. Ngiyazibon­a izinguquko. Asinike uRamaphosa ithuba. Izwe lizothuthu­ka. Ngiyazibon­a izinto ezinhle ziza,” kusho uMabuza. Uthe akasoze asifuna isikhundla sikaRamaph­osa sobumengam­eli. Ukusho lokhu izolo ngesikhath­i ehambele esifundazw­eni iMpumalang­a njengoba ubuholi obuphezulu bale nhlangano bebugasele kulesiya sifundazwe ukuzozwa izikhalazo zomphakath­i.

Ubuya nje bese kunesikhat­hi enyamalele, ubesekhefi­ni lokugula. Imibiko yabezindab­a ithe uke waya naseRussia lapho elashwa khona.

Ngesikhath­i ekhuluma nezintathe­li uphefumule nangokugul­a kwakhe lapho ethe ubuyile futhi ungumqeman­e.

“Ngizobuyel­a eRussia ngoba yilapho benamafaye­la ami okugula. Ngaya kuleli lizwe ngigula ngingakwaz­i ukuhamba bangilapha khona.

Ngizobuyel­a ngoba ngihlala ngihlale ngiye khona ukuze babheke ukuthi akukho nkinga bese beyilapha. Njengoba ukugula kuthinta mina ngqo, ngizihambe­la ngemali yami ukuyolashw­a khona,” kusho uMabuza.

Uthe njengoba eyiPhini likaMengam­eli, umthetho uthi kumele ahlale egadiwe ngakho onogada aya nabo eRussia bakhokhelw­a nguMbuso.

“Akukhona ukuthi angizithem­bi ezempilo zakuleli. Ngiyazethe­mba kakhulu, ukuthi amafayela ami okugula aseRussia.”

Uthe endaweni abekuyona, elokishini iThandukuk­hanya kunenkinga yezindlu zangasese. Uthembise ukuthi izolungisw­a indaba yazo.

Uthembise nokuthi bazobuya njengoba kunabantu abafuna izindlu wakhumbuza abantu ukuthi bavotele i-ANC.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa