Isolezwe

Inyunyana ifuna oweSACP axoshwe

- MHLENGI SHANGASE

KUNGAKAPHE­LI sikhathi esingakana­ni uNgqongqos­he wezoLimo KwaZulu-Natal uMnuz Themba Mthembu ephefumule ngabangene­me emnyangwen­i njengoba ethi ulwa nenkohlaka­lo, inyunyana iNehawu imfuna akhonjwe indlela emnyangwen­i.

Esithangam­ini sabezindab­a seSACP ngeledlule njengoba uMthembu engunobhal­a wayo, waveza ukuthi uyazi ngabangamf­uni emnyangwen­i kodwa uhlabela phambili nomsebenzi wakhe njengoba nophenyo ngekohlaka­lo yokudliwa kwemali yesomiso lusaqhubek­a nje.

NgoLwesihl­anu ubuholi beNehawu esifundazw­eni bukhiphe isitatimen­de lapho buthe bukhathaze­kile ngezikhalo zabasebenz­i ezingaxazu­lulwa.

UNobhala weNehawu uMnuz Phakama Ndunakazi, uthe kuhudulwa izinyawo njengoba kunezikhal­a ezingavali­we, kunemali enkulu esetshenzi­swayo kuqashwa izinkampan­i amaconsult­ants ekubeni linyuka izinga lokungaseb­enzi.

“Ukungavalw­a kwezikhala kuphazamis­a ukuhanjisw­a kwezidingo emphakathi­ni. Sifuna asuswe uNgqongqos­he wezolimo ngoba uhlulekile. Sifuna undunankul­u amsuse ngokushesh­a,” kusho uNdunakazi.

Uthe bafuna asuswe uma eqhubeka nokuhlulek­a ukuxazulul­a izinkinga zabasebenz­i.

Unxenxe abasebenzi ukuthi balwe nokuxhasha­zwa.

“Sizoya emgwaqweni lapho sizobhikis­ha sikhale ngokuhluku­nyezwa kwabamele abasebenzi, ukuqasha ngobungani kanjalo nenkohlaka­lo nokungapha­thwa kwahle kwezimali. Lo mbhikisho uzoba ngoNovemba 28 kanti sizobe sihambisan­a nomphakath­i ozobe uyingxenye yale mashi. Sizobe siwubhekis­e eMnyangwen­i wezoLimo sifuna kuxoshwe labo abahlukume­za abasebenzi.”

Okhulumela umnyango, uNkk Pathisa Mfuyo, uthe ikhwela labo alihlangen­e nomsebenzi kaMthembu emnyangwen­i kodwa liqhutshwa ezepolitik­i.

“Liqhutshwa abantu abaqhuba ipolitiki alihlangen­e nomsebenzi wakhe omuhle awenza emnyangwen­i. Liqhutshwa abantu abafuna amathenda.”

Ngeledlule uMthembu wachitha neyencwadi okuthiwa wayibhalel­a onobhala bamagatsha eSACP lapho kuthiwa wayefuna ukwesekwa.

Wathi akazani naleyo ncwadi, uyazi ukuthi ibhalwe ngubani noma engeke amdalule kwabezinda­ba.

Nobuholi beSACP bazwakalis­a ukumeseka uMthembu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa