Inyunyana ifuna oweSACP axoshwe
KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani uNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal uMnuz Themba Mthembu ephefumule ngabangeneme emnyangweni njengoba ethi ulwa nenkohlakalo, inyunyana iNehawu imfuna akhonjwe indlela emnyangweni.
Esithangamini sabezindaba seSACP ngeledlule njengoba uMthembu engunobhala wayo, waveza ukuthi uyazi ngabangamfuni emnyangweni kodwa uhlabela phambili nomsebenzi wakhe njengoba nophenyo ngekohlakalo yokudliwa kwemali yesomiso lusaqhubeka nje.
NgoLwesihlanu ubuholi beNehawu esifundazweni bukhiphe isitatimende lapho buthe bukhathazekile ngezikhalo zabasebenzi ezingaxazululwa.
UNobhala weNehawu uMnuz Phakama Ndunakazi, uthe kuhudulwa izinyawo njengoba kunezikhala ezingavaliwe, kunemali enkulu esetshenziswayo kuqashwa izinkampani amaconsultants ekubeni linyuka izinga lokungasebenzi.
“Ukungavalwa kwezikhala kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini. Sifuna asuswe uNgqongqoshe wezolimo ngoba uhlulekile. Sifuna undunankulu amsuse ngokushesha,” kusho uNdunakazi.
Uthe bafuna asuswe uma eqhubeka nokuhluleka ukuxazulula izinkinga zabasebenzi.
Unxenxe abasebenzi ukuthi balwe nokuxhashazwa.
“Sizoya emgwaqweni lapho sizobhikisha sikhale ngokuhlukunyezwa kwabamele abasebenzi, ukuqasha ngobungani kanjalo nenkohlakalo nokungaphathwa kwahle kwezimali. Lo mbhikisho uzoba ngoNovemba 28 kanti sizobe sihambisana nomphakathi ozobe uyingxenye yale mashi. Sizobe siwubhekise eMnyangweni wezoLimo sifuna kuxoshwe labo abahlukumeza abasebenzi.”
Okhulumela umnyango, uNkk Pathisa Mfuyo, uthe ikhwela labo alihlangene nomsebenzi kaMthembu emnyangweni kodwa liqhutshwa ezepolitiki.
“Liqhutshwa abantu abaqhuba ipolitiki alihlangene nomsebenzi wakhe omuhle awenza emnyangweni. Liqhutshwa abantu abafuna amathenda.”
Ngeledlule uMthembu wachitha neyencwadi okuthiwa wayibhalela onobhala bamagatsha eSACP lapho kuthiwa wayefuna ukwesekwa.
Wathi akazani naleyo ncwadi, uyazi ukuthi ibhalwe ngubani noma engeke amdalule kwabezindaba.
Nobuholi beSACP bazwakalisa ukumeseka uMthembu.