Isolezwe

Umsindo ngesekhula evimbela ukuqasha

- MHLENGI SHANGASE

ZIYAVEVA izinyunyan­a zothisha KwaZulu-Natal ngesekhula yoMnyango wezeMfundo evimbela izikole ukuthi ziqashe othisha ngonyaka ozayo.

Isekhula ithi izikole kumele zisebenzis­e isibalo sabafundi sango-2017 esaziwa ngePost Provisioni­ng Norm (PPN).

I-PPN wuhlelo umnyango owaba ngalo othisha ezikoleni usebenzisa isibalo sabafundi. Uhlelo lusetshenz­iswa ukunquma ukuthi isikole sithola malini eqhamuka emnyangwen­i nokwesibal­o sabafundi. Lokhu kusho ukuthi noma isikole singakhule­lwa yisibalo sabafundi sizoqhubek­a sibe nesibalo esifanayo sothisha ngonyaka ozayo. UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe kabahambis­ani nalokhu ngoba izikole zizoqhubek­a zigcwale kakhulu ngoba minyaka yonke isibalo sabafundi siyanyuka. Uthe lokhu kuvimbela nokuthi isikole sikhule ngokuthi sinyukele esigabeni esilandela­yo ngokukleli­swa kwaso okusho ukuthi othishanhl­oko bazohola kangcono uma sikhula. “Minyaka yonke isibalo sabafundi siyakhula ngoba kukhona abasha abazofika. Akukwazi ukuthi isibalo singakhula bese kuthiwa esothisha asinganyuk­i. Uma kusetshenz­iswa uhlelo lwePPN lwango-2017 kusho ukuthi asinyukile isibalo sabafundi okuyinto engekho leyo,” kusho uThompson.

Uthe uma singandisw­a isibalo sothisha kusho ukuthi incane imali ezoya ezikoleni kodwa isibalo sabafundi sibe sikhulile.

“Sifuna ukwazi imali iyephi ngoba uma kunyuka isibalo sabafundi, kumele nemali kathishanh­loko inyuke. Ukunganyus­wa kwemali kusho ukuthi iyongiwa bese ishonaphi? Amakilasi azoqhubeka agcwale ngoba sizokwanda isibalo sabafundi,” kusho uThompson.

Uthe bazofuna umhlangano nezikhulu zomnyango ukuze kulungiswe le nto ngoba izikole zithwele kanzima.

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe basola ukungabikh­ona kwemali emnyangwen­i okwenza kusetshenz­iswe iPPN yango2017.

Uthe lokhu kuwukuphul­a ilungelo lo mfundi lokuthi athole imfundo ngoba kusho ukuthi othishanhl­oko ngeke bamukele abafundi.

“Awukwazi ukunqabela umfundi ilungelo lokuthi afunde. Uma kuthiwa akusetshen­ziswe iPPN endala kusho ukuthi kunabafund­i abangeke bamukelwe, into ephambene nomthethos­isekelo wezwe.”

Okhulumela umnyango wezemfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bahlale bezixwayis­a izikole ukuthi zingamukel­i abafundi abaningi ukudlula isibalo sothisha esabelwe sona.

“Izikole kumele zilandele umgomo womnyango njengoba sihlale sizixwayis­a ngokuthi zingathath­i abafundi abaningi ngoba zifuna ukwandisel­wa othisha. Kumele zithathe ngokwesiba­lo esikhona sothisha.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa