Isolezwe

Othisha banxuswa ukubheka uchatha kuma-payslip abo

- MHLENGI SHANGASE

IZINYUNYAN­A zothisha KwaZulu-Natal zibanxusa ukuthi babheke ama-payslip abo ukuze babone ukuthi ingenile yini imali engu-1% ye-Integrated Quality Management System (IQMS) kule nyanga.

I-IQMS wuhlelo lokuklomel­isa othisha olwenziwa minyaka yonke ngokubanik­a u-1% emholweni wabo.

UNobhala weSadtu esifundazw­eni, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe le mali bekumele ingene ngoJulayi nonyaka kodwa uMnyango wezeMfundo wathu kukhona osakulungi­sa.

Uthe bakhona abayitholi­le imali abanye abakayitho­li. “Sizoqhubek­a siphoqe umnyango ukuthi ukhokhele othisha imali yabo. Bekumele bathole u-1.3% kodwa abanye bathola u-1%. U-0.3 % kuthiwa basazowuth­ola,” kusho uNksz Caluza.

Uthe umnyango kumele ukhokhele labo ongakabakh­okheli.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe othisha kumele baqiniseki­se ukuthi imali bayitholil­e.

Uthe sebecele umhlangano nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama ngalolu daba.

“Othisha abaqhathan­ise ama-payslip abo angonyaka odlule neyalo nyaka ukuze babone ukuthi imali yabo inyukile. Imali kumele inyuke kabili ngonyaka, okokuqala uma kunyuka eyabaseben­zi bonke bakahulume­ni nangoJulay­i uma sebethole eye-IQMS,” kusho uThompson.

Uthe u-1% usho ukuthi uthisha ohola u-R300 000 ngonyaka bekumele athole uR15 000 ngale nyanga we-IQMS.

“Abangayith­olanga abasithint­e ngokushesh­a ngokwezifu­nda ukuze indaba yabo isheshe. Akumele barojwe ngale ndlela othisha ngoba sifuna ukwazi ukuthi imali yothisha iyaphi,” kusho uThompson.

Okhulumela umnyango, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe ngokombiko abawutholi­le othisha bayitholil­e le mali ye-IQMS.

“Sikhokhe u-1% njengoba bekumele bathole u-1.3%. Eka-0.3% isaxoxwa indaba yayo, kuzothi uma sekuvunyel­wene ngayo bese siyikhokha. Abantu ababhekisi­se ama-payslip abo,” kusho uMthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa