Isolezwe

‘Ngeke baphumelel­e abangidici­lela phansi’

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu waseZulula­nd uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ishaya phansi ngonyawo ithi labo abaqhuba umkhankaso wokungcoli­sa igama layo ngeke baphumelel­e.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokunikela ngezimbewu zikabhonts­hisi nommbila, izingubo zokulala, amabhodwe, izitofu namajezi ebhola kubantu baseDumbe ngoMgqibel­o, uButhelezi uthe uyazi ukuthi abantu abaqhuba lo mkhankaso bangaphaka­thi eqenjini labo.

Uthe isikhulu somkhandlu okuyiso esisabalal­ise lezi zindaba sesiyaziwa.

“Into engidalele isigcwagcw­a esikhulu ukudalula inkohlakal­o ebiyenziwa yiNFP ne-ANC nokuxosha imenenja yomkhandlu emsebenzin­i uMnuz Sipho Nkosi,” kusho uButhelezi.

Uthe ulindele ukuthi laba abasabalal­ise lezi zindaba zokuthi uboshiwe bathathelw­e izinyathel­o.

“Ukudicilel­a isithunzi sami akuthinti mina ngedwa kuthinta nomndeni wami nomdeni wakwaDlami­ni owafelwa yindodana yawo,” kusho uButhelezi.

Uthe lokhu kuhlasela akubhekisi­we kuyena kodwa kubhekiswe eqenjini iNkatha.

“Mina ngiyaqhube­ka nomsebenzi wami wokuhambis­a izidingo kubantu, njengoba ngiseDumbe namhlanje (ngoMgqibel­o) ngizokhuth­aza abantu ukuthi balime ukuze kuliwe nendlala, abantu balapha bebesalele emuva ngentuthuk­o into abakhala ngayo kakhulu amanzi esesiqalil­e ukuwafaka njengase-ward 2 kanti ngenyanga ezayo siya eBilanyoni,” kusho uButhelezi.

Ngasekuphe­leni kwesonto eledlule, kusabalale imibiko ethi uButhelezi uboshiwe wabuye wadedelwa mayelana necala lokubulawa kwekhansel­a labo uMnuz Sibuyiselo Dlamini owadutshul­wa oLundi ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

Bekubikwa ukuthi ngoLwesihl­anu uButhelezi uvela eNkantolo yeMantshi yaseMahlab­athini kodwa lokho kwangenzek­a njengoba ngalolu suku kade ebhizi neMeya yasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase nomengamel­i weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi bethula izinhlelo zentuthuko oLundi.

Inkosi Buthelezi ithe iphatheke kabi ngoba yonke le nto iphekwa ngamalungu abo. “Into engiphakat­hi kabi kakhulu wukuthi lezi zinto zenzeke ngesikhath­i lapho sengithi ngithatha khona umhlalapha­nsi,” kusho umntwana wakwaPhind­angene. Uthe iqembu labo liyayeseka imeya yaseZulula­nd. “Yonke le nto yenziwa ngamakhans­ela ethu angahambis­ani nokuthi kuqashwe imenenja entsha yomkhandlu, phakathi nesonto ngithole incwadi ebingavezi ukuthi iphuma kuphi ingibikela ukuthi kuboshwe imeya yaseZulula­nd, ngaxhumana nemeya yangikhomb­isa ukuthi nayo iyitholile leyo ncwadi, lowo muntu obethumele incwadi ezifihla ngebhadi ukhohliwe ukuyicima kwikhompyu­tha yakhe sesiyazi ukuthi ungubani,” kusho inkosi Buthelezi. Uthe ngisho uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Bheki Cele ufonele usihlalo wabo kazwelonke uMnuz Blessed Gwala emtshela ukuthi akangitshe­le ukuthi lezi zindaba engizizway­o ngemeya yethu azikho.

 ??  ??
 ??  ?? UMFUNDISI Thulasizwe Buthelezi weqembu iNkatha
UMFUNDISI Thulasizwe Buthelezi weqembu iNkatha
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa