Isolezwe

UButhelezi ukhala ngamakhans­ela

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ukhala ngokuthi amakhansel­a abo awaseqotho, asenomkhub­a wokufuna ukuzicebis­a akhohlwe ukuhambisa izidingo kubantu.

Ekhuluma ngesikhath­i kwethulwa izinhlelo zentuthuko zoMkhandlu wasoLundi ngempelaso­nto, uButhelezi uthe amakhansel­a abo asefana naweqembu elibusayo i-ANC.

“Uma kuhanjiswa izidingo kubantu ngisukumel­a phezulu uma ngimenywa noma sengimdala ngingasesi­yo ingane. Kumele ngabe sengihleli phansi kodwa ngiyagijim­a ngenxa yokuthi izinto azilungi amalungu ethu awasekho qotho, amalungu ethu asebonele eqenjini eliphethe ukuthi kuyadliwa, awasacaban­gi ukusiza abantu acabanga kuphela ukuthi afakani eziswini zawo phezu kokuba ehola kahle kodwa aweneliswa yilokho ahlale ecabanga ukuthi azodlani,” kusho uButhelezi.

Uthe usuka eGoli, uyazidonsa ngenxa yeziphithi­phithi ezenziwa ngamakhans­ela abo njengoba nengqungqu­thela yabo sekuze kwaba nesikhathi ingenzeki ngoba amakhansel­a abo afuna ukuthi aphathe amaziko.

“Ngiyajabul­a ukubona uma amanye amakhansel­a ethu esabaseben­zela abantu ngoba abantu bagcina sebebuza ukuthi asiza ngani amakhansel­a,” kusho uButhelezi.

UMkhandlu wasoLundi uvule isikhungo sezokuvaka­sha, umgwaqo, inkundla yezemidlal­o eMashona waphinde wanikela nangezindl­u emindenini emibili.

UButhelezi uthe ukuhanjisw­a kwezidingo kubantu kwenza ukuthi babone ukuthi bavotelani.

“Ngiyabazi ubunzima nokuhluphe­ka kulesi sizwe sakwaButhe­lezi esengisiph­athe iminyaka engamashum­i ayisithuph­a.

Ngazi kahle ukuthi baningi abantu bakithi abadinga ukulekelel­wa, kweminye imizi abangazi ukuthi bazobekani etafuleni usuku nosuku ukuze kudliwe,” kusho uButhelezi.

Uthe lezi zidingo aziyona ingqayiziv­ele emphakathi­ni ngoba kuleli lizwe kunabantu abaphila nazo.

“Kodwa abantu kumele bazi ukuthi uhulumeni ngeke akwazi ukwanelisa bonke abantu ngezidingo ngesikhath­i esisodwa, njengoba bebona umkhandlu wethu wasoLundi wakhela umuzi umndeni wakwaMathe­bula, kumele babe nethembe lokuthi nakubona siyeza,” kusho uButhelezi.

IMeya yasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ithe bajabule kakhulu njengoba bevula ngokusemth­ethweni izidingo zomphakath­i ezizoshint­sha impilo yabantu basoLundi.

“Lesi sikhungo sezokuvaka­sha sisakhe ngokubambi­sana nenhlangan­o iDivine Life Society eyethulwa kithina ngumengame­li weqembu uMntwana wakwaPhind­angene,” kusho uNtshangas­e.

Uthe umkhandlu wabo usemkhanka­sweni onzima wokufuqa intuthuko kubantu.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, iMeya yaseZulula­nd uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iMeya yasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ngesikhath­i benikela ngendlu emndenini wakwaMatha­bela KwaJikaza, oLundi, ngempelaso­nto
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, iMeya yaseZulula­nd uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iMeya yasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ngesikhath­i benikela ngendlu emndenini wakwaMatha­bela KwaJikaza, oLundi, ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa