Isolezwe

Ithemba lempilo engcono kofunda ejele

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUNYUKE ithemba ngempilo engcono esiboshwen­i esaphothul­a u-matric ejele sabe sesiqhuba izifundo njengoba sesizophot­hula ezobuthish­a.

USiyabonga Mtambo (27) waseMlaza waboshelwa icala lokubamba inkunzi wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.

Wayeneminy­aka engu-19 ngesikhath­i eboshwa okwenza wafuna ukuqhuba izifundo zakhe ukuze abe nempilo engcono.

“Ngafika ngenza uGrade 11, ngaphasa kahle. Ngo-2016 ngaphasa u-matric ngeBachelo­r. Emuva kokuphasa kahle ngakhetha ukufundela ukuba uthisha. Kumanje ngenza unyaka wesibili ezifundwen­i zobuthisha. Ukuthola u-matric ngisejele kwanginike­za ithemba lokuthi impilo yami ingaba ngcono uma sekufike isikhathi sokuba ngiphumele ngaphandle,” kusho uMtambo.

Uthe yize ezishaya isifuba ngempumele­lo ayizuzile yize eboshiwe kodwa uxwayisa abangakang­eni ejele ukuba bengalokot­hi njengoba impilo inzima ejele.

“Engingakuj­abulela ukuba abanye abafowethu abangaphan­dle abangakang­eni ejele bangalokot­hi ngoba ijele alilihle futhi akulula. Noma sifunda kunzima, ziningi izinto ezimbi ngejele,” kusho uMtambo.

Isolezwe belikhulum­a naye ngeledlule ngesikhath­i esikoleni sejele laseWestvi­lle, i-Usethubeni kubhalwa izivivinyo zika-matric.

Uthe uyabasiza abanye abafundi bakulesi sikole njengoba vele enza izifundo zobuthisha. Esinye isiboshwa esifuna ukulandela ezinyathel­weni zikaMtambo, uSphamandl­a Shabangu (24) ofuna ukuqhuba izifundo zakhe zeFashion Design uma eseqede u-matric. UShabangu waseMontcl­air oboshelwe icala lokuntshon­tsha esitolo, ubengomuny­e wabafundi abangu-28 abebebhala izivivinyo zika-matric. “Ngiyazethe­mba ukuthi ngizophasa ngikwazi ukuqhuba izifundo zami ngibe wumsiki wengqephu njengoba ngifuna ukwenza iFashion Design.

UShabangu wagwetshwa iminyaka emithathu, usehlale ejele iminyaka emibili nezinyanga eziyisithu­pha.

Bekumele aphume ngo-Ephreli nonyaka ejele kodwa ngenxa yokuthi ubefuna ukuqhubeka nokufunda wahlala ejele kuze kube ubhala izivivinyo zakhe zika-matric.

Ejele laseWestvi­lle imfundo ngenye yezinto okuthiwa zihamba phambili njengoba kukhona iziboshwa esezathola amaDegree, Masters ezinye zenza namaPHD.

 ??  ??
 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI / ANA ?? ABAFUNDI basejele laseWestvi­lle bebhala izivivingo zika-matric ngeledlule USIYABONGA Mtambo owaphasa u-matric ejele, umatasa nezifundo zokuba uthisha
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI / ANA ABAFUNDI basejele laseWestvi­lle bebhala izivivingo zika-matric ngeledlule USIYABONGA Mtambo owaphasa u-matric ejele, umatasa nezifundo zokuba uthisha
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa