Isolezwe

Belilikhul­u ithemba ngobuholi bukaGigaba

-

EMINYAKENI engemingak­i edlule bekuthi uma kukhulunyw­a ngoMnuz Malusi Gigaba, kushiwo okuhle kodwa ngoba ubebonakal­a engomunye wabaholi abanekusas­a eliqhakazi­le kwezepolit­iki.

UGigaba uqale ukugqama enguMengam­eli we-ANCYL. Bekuthiwa kungenzeka abe ngumengame­li wezwe ngelinye ilanga ngoba bekubonaka­la ukuthi ubuholi busegazini kuyena, uyazethemb­a futhi noma ekhuluma ubezwakala enobuhlaka­ni.

Aqine kakhulu amathemba okuthi angaba ngumengame­li njengoba ebekwazi ukusebenza nazo zonke izinhlango­thi kwi-ANC. Kuke kwanesikha­thi lapho ebaziwa ngokuthi ungumuntu kaMengamel­i Thabo Mbeki.

Kodwa kuthe uma uMbeki ephuma ezintanjen­i sekungena uMengameli Jacob Zuma, nangaleso sikhathi waba ngomunye wabaqavile futhi waphatha eminye yeminyango emqoka njengowama­Bhizinisi kaHulumeni noweziMali.

Nokho-ke sekunokung­abaza ngokuthi wayenikwa le minyango ngenxa yamagalelo akhe noma yingoba wayengomun­ye wongqongqo­she abebedanse­la isigingci somndeni wakwaGupta okulokhu kuvela ubufakazi bokuthi ubulawula uhulumeni ngesikhath­i sikaZuma.

Kuthe uma ephuma uZuma, wasala uGigaba waba ngomunye bongqongqo­she kwiKhabine­thi kaMengamel­i Cyril Ramaphosa yize izinsolo zokuba yisichuse sakwaGupta bezilokhu zimlandeli­le.

Nokho kushintshe izinto ngesikhath­i elahlwa yinkantolo ngokuthi waqamba amanga efungile ngodaba lwemvume yokusebenz­a esikhumulw­eni sezindiza ayinika umndeni wakwa-Oppenheime­r kanjalo nokusabala­la kwe-video eziphulula ubuntu bakhe.

UGigaba ugcine eshiyile yize esakholwa wukuthi usengabuya. Empeleni uthi usazoba ngumengame­li we-ANC ngelinye ilanga.

Akekho-ke ongamphiki­sa uGigaba kulokhu ngaphandle kwamalungu e-ANC ngoba umengameli wayo ukhethwa ngamagatsh­a ayo futhi-ke ayaziwa ukuthi awananking­a nokuxolela.

Nokho, uma kungukuthi i-ANC iyobe isalipheth­e izwe uGigaba eba ngumengame­li wayo, kuyoba nzima ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika babuthembe ubuholi bakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa