Belilikhulu ithemba ngobuholi bukaGigaba
EMINYAKENI engemingaki edlule bekuthi uma kukhulunywa ngoMnuz Malusi Gigaba, kushiwo okuhle kodwa ngoba ubebonakala engomunye wabaholi abanekusasa eliqhakazile kwezepolitiki.
UGigaba uqale ukugqama enguMengameli we-ANCYL. Bekuthiwa kungenzeka abe ngumengameli wezwe ngelinye ilanga ngoba bekubonakala ukuthi ubuholi busegazini kuyena, uyazethemba futhi noma ekhuluma ubezwakala enobuhlakani.
Aqine kakhulu amathemba okuthi angaba ngumengameli njengoba ebekwazi ukusebenza nazo zonke izinhlangothi kwi-ANC. Kuke kwanesikhathi lapho ebaziwa ngokuthi ungumuntu kaMengameli Thabo Mbeki.
Kodwa kuthe uma uMbeki ephuma ezintanjeni sekungena uMengameli Jacob Zuma, nangaleso sikhathi waba ngomunye wabaqavile futhi waphatha eminye yeminyango emqoka njengowamaBhizinisi kaHulumeni noweziMali.
Nokho-ke sekunokungabaza ngokuthi wayenikwa le minyango ngenxa yamagalelo akhe noma yingoba wayengomunye wongqongqoshe abebedansela isigingci somndeni wakwaGupta okulokhu kuvela ubufakazi bokuthi ubulawula uhulumeni ngesikhathi sikaZuma.
Kuthe uma ephuma uZuma, wasala uGigaba waba ngomunye bongqongqoshe kwiKhabinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa yize izinsolo zokuba yisichuse sakwaGupta bezilokhu zimlandelile.
Nokho kushintshe izinto ngesikhathi elahlwa yinkantolo ngokuthi waqamba amanga efungile ngodaba lwemvume yokusebenza esikhumulweni sezindiza ayinika umndeni wakwa-Oppenheimer kanjalo nokusabalala kwe-video eziphulula ubuntu bakhe.
UGigaba ugcine eshiyile yize esakholwa wukuthi usengabuya. Empeleni uthi usazoba ngumengameli we-ANC ngelinye ilanga.
Akekho-ke ongamphikisa uGigaba kulokhu ngaphandle kwamalungu e-ANC ngoba umengameli wayo ukhethwa ngamagatsha ayo futhi-ke ayaziwa ukuthi awanankinga nokuxolela.
Nokho, uma kungukuthi i-ANC iyobe isaliphethe izwe uGigaba eba ngumengameli wayo, kuyoba nzima ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babuthembe ubuholi bakhe.